UKAPUTENI nesiqongqwane sasemuva kwiLamontville Golden Arrows, uGladwin Shitolo, unethemba lokuthi umdlalo abayowudlala neKaizer Chiefs yiwona abangase balungise ngawo inkinga yamagoli.
IGolden Arrows esidlale imidlalo imithathu ihluleka ukuthola igoli, izobhekana neKaizer Chiefs koweBetway Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.
Emdlalweni abagcine ukuwudlala ngempelasonto edlule, Abafana Bes’thende babambane ngo 0-0 naMaZulu FC kowabakhaya baKwaZulu-Natal. Balahle amathuba amaningi okubhakuzisa inethi abengenza bawunqobe lo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ngaphambi kwalowo mdlalo, babambane ngo 0-0 nePolokwane City, obekwandulelwa wukushaywa ngo 1-0 yiRichards Bay FC komunye umdlalo wabakhaya.
Kwenzeka lokhu nje, umgadli omqoka waleli qembu, uLungelo Nguse, uzohlala isizini yonke engadlali ngenxa yokulimala.
Amakhosi eza kulo mdlalo eshayela phezulu kulandela ukuguqisa iStellenbosch FC ngo 2-1 ngoLwesithathu, eFNB Stadium, eGoli.
“Uma ubheka imidlalo emithathu esibuya kuyona silahle amathuba amaningi okushaya amagoli, okuyinto esisebenza kanzima ukuyilungisa ngaphambi komdlalo esizowudlala neChiefs.
Noma singenelwe yigoli elilodwa sishaywa yiRichards Bay kodwa akufanele sikujabulele ukuthi sidlale ngokulingana emidlalweni emibili ilandelana singashayi magoli ngoba yiwona azosenza ukuthi siwine imidlalo,” kusho uShitolo, othi bayazi ukuthi umdlalo abayowudlala neChiefs awuzukuba lula.
“Siyazi ukuthi umdlalo esizowudlala neChiefs ngeke ubelula kodwa sizimisele ngokulwela ukubuya namaphuzu kuwona futhi sinethemba lokuthi kungenzeka kube nguwona mdlalo esizolungisa ngawo amaphutha ethu ekushayeni amagoli.
Siya kulo mdlalo sibuya ekudlaleni ngokulingana ekubeni iChiefs ibuya ekuwineni, nokusho ukuthi iza kithina inokuzethemba. Nokho sikulungele ukubhekana nayo, silwele ukubuya namaphuzu ukuze siqhubeke nokugcina indawo yethu kuTop 8.”
Abafana Bes’thende abasendaweni yesishiyagalombili kwi-log yePremiership emidlalweni engu-11, basalelwe yimidlalo emine ukusonga umzuliswano wokuqala wesizini.
Bazodlala neChiefs ekuhambeni, TS Galaxy ekhaya, Mamelodi Sundowns ekuhambeni, neCape Town City ekuhambeni.