KUYAMDUMAZA uJabu “Shuffle” Mahlangu, ukuthi namanje kusakhuzwa abadlali ngokuziphatha budlabha ngaphandle kwenkundla. Lokhu ukusho ngemva kwezinsolo ezikhomba uKgaugelo Sekgota, owachithwa yiKaizer Chiefs kumasizini adlule.
UMahlangu onomlando omude wokuziphatha budlabha ngaphandle kwenkundla, ubebuzwa yiphephandaba ngezimpawu zokuhlehla nyova kukaSekgota obethembisa.
Kubona bonke abadlali baseMzansi akekho odume njengoMahlangu ngokuhlupha ngenxa yezigameko ezithinta ukunyamalala nokugxila emanzini amponjwana ngesikhathi esashisa kwiChiefs, nakwiBafana Bafana.
Nakuba uSekgota (27) ehambe ngonobhutshuzwayo waze wafika esigabeni esikhulu sebhola lasePortugal, lapho edlalele iVitoria Sertubal ngo-2019, kodwa usezama inhlanhla kwi-Upington United edlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Kusukela ebuye phesheya kwezilwandle kumasizini amahlanu adlule, uSekgota usedlalele amaqembu amahlanu kwiBetway Premiership. Uqale kwiBidvest Wits ngo-2020, wayishiya isizini iphakathi wajoyina iMoroka Swallows, ngaphambi kokusayina kwiChiefs ngo-2021.
USekgota ukhonjwe indlela kwiChiefs ngo-2023, wayodlalela iStellenbosch FC emchithile wadlulela kwiMagesi FC, esanda kumkhulula.
KwiChiefs kulapho edlale khona imidlalo eminingi (42) kulama sizini amahlanu adlule.
Kuwona wonke amaqembu uSekgota ufika kunesasasa ngaye kodwa lisheshe lishabalale uma sekuvela izinsolo zokwehluleka ukuziphathisa okomdlali webhola elikhokhelayo, ezihlale zimlandela.
Esese-Europe, lo mdlali okhiqizwe yinkulisa yePolokwane United, akazange aqale ePortugal kepha ubonakale kuqala kwiFC Stumbras Kaunas, yaseLithuania.
“Kuyaphoxa ukuthi sisakhuluma ngokuziphatha kwabadlali ngo-2025 ekubeni thina sawenza amaphutha sawavuma ngoba senzela ukusiza izizukulwane ezisilandelayo,” kusho uMahlangu.
“Okusemqoka nokulula okufanele akwenze ukuziqhathulula kubangani ababi. Ukuwa kwami ngenxa yamaphutha ami kwakufanele kubakhulise kodwa ngiyaphoxeka ukuthi nanamuhla sisakhuluma ngale nto.
“Ngeke wonke umuntu abe nenhlanhla njengami ukuthi uMdali amvezele ithuba lesibili empilweni. USekgota ungumdlali weqophelo futhi akekho okungabazayo lokho kodwa kufanele akhule.
“Kufanele aqhele kulaba asondelene nabo okwamanje ngoba kusobala ukuthi abameluleki ngendlela abangani okufanele beluleke ngayo umngani abamthandayo.
“Okubuhlungu wukuthi bonke abantu abamzungezile yibona abazobe sebeputshuzela ngisho nina abezindaba ngokuwa kwakhe, okuwubufakazi bokuthi akubona ngisho abangani beqiniso,” kusho uMahlangu osengumhlaziyi womdlalo kanobhutshuzwayo.