BATHI kwehlisa ingcindezi kubona, ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa abamakomiti alwa nobugebengu emphakathini.
Lokhu kungenxa yezigameko zokufa kwabasolwa okuthiwa basala enkundleni emva kokudubulana namaphoyisa asuke ezama ukubavalela.
Kuthe ngezintatha zayizolo, amaphoyisa athela othulini abasolwa ababili okuthiwa bebefunwa ngamacala okubamba inkunzi nokubulala okuvele ukuthi babhadanywe amaphoyisa bebhace emzini othile kwa-E, eNtuzuma. Kuthiwa bavulele ngennhlamvu babhekisa emaphoyiseni, aphendula ngendlela efanayo. Kuvele ukuthi oyedwa wabo uyamaniswa necala lokuzama ukubulala iphoyisa elisinde lidutshulwa, ekuqaleni konyaka.
Ilungu lomphakathi lenhlangano elwa nobugebengu emalokishini akhele iTheku, i-Neighbourhood Watch elingathandanga ukudalulwa, liveze ukuthi laba abadutshuliwe bayingxenye yeqembu lezigebengu elibizwa nge-West, elihlalise lubhojozi umphakathi eNanda, nasemalokishini asondelene nayo.
“Ngenxa yokuthi amaphoyisa awagayelwa mphako, kuphoqa ukuthi lezi zigebengu zishintshe amalokishi. Kuthi zisakhonjwa eNanda, amaphoyisa abesezithendeni ziyobhaca eNtuzuma njalonjalo. Ukuvuka emaqandeni kwamaphoyisa kuyayehlisa ingcindezi nakithi uqobo.
“Ngokuwaluma indlebe siba nesiqiniseko sokuthi ukhona umnyakazo ozokwenzeka, amaphoyisa azifikela mathupha lapho bebhace khona ngenhloso yokubabopha, uma bedubula bebhekisa kuwo nawo aphendule ngendlela efanayo,” usho kanje.
Kwenzeka lokhu nje, kuthe ngesonto eledlule amaphoyisa adubula umsolwa oyedwa eCato Manor, eMayville, okuthiwa ubefunwa ngamacala okubamba inkunzi imoto ethwala imali, naye okuvele ukuthi udubule kuqala wabhekisa ngasemaphoyiseni.
Esigamekweni sabasolwa ababili abadutshulwe izolo, kushaye isikhathi sokushicilela okhulumela amaphoyisa ophiko loKlebe KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo, engakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona ukuqinisekisa lolu daba.
Yize kunjalo, ekhasini elisemthethweni lwamaphoyisa kaMasipala weTheku enkundleni yokuxhumana u-Facebook, elibizwa nge-Durban Metro Police Service, bakuqinisekisile ukubulawa kwalaba basolwa. Amaphoyisa kuMasipala weTheku, awophiko loKlebe, izinkampani zonogada ezizimele, kuthiwa bebeyingxenye yabajutshelwe ukubopha abasolwa. Kuthiwa omunye wabasolwa abadutshuliwe uyamaniswa necala lokubulawa kwephoyisa esigamekweni esenzeke ngasekuqaleni konyaka.