UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usephumele obala ngezinga alichaze njengeliphansi alibona kubagadli baleli qembu asanda kufika kulona.
Kubagadli uNabi abaficile eqenjini ubonakala esathembele kakhulu kuRanga Chivaviro, oseshaye amagoli amabili emidlalweni emithathu ye-Betway Premiership.
U-Ashley Du Preez noChristian Saile, basasetshenziswe besuka ebhentshini kuyona le midlalo kodwa basahlulekile ukwenza into ebonakalayo enkundleni.
Ngesizini edlule akekho umgadli weChiefs ofinyelele okungenani kumagoli amahlanu kwiligi isizini yonke, bonke laba bashaye amane.
Kube mnyama kakhulu, kuJasond Gonzalez, waseColombia oze wabuyela kwelakubo engatholanga ngisho elukubika.
Ngemuva kokuhlulwa yiMamelodi Sundowns ngo 2-1 ngempelasonto edlule, uNabi utshele abezindaba ukuthi ekhanda lakhe unaso isithombe somgadli amfunayo futhi okumjabulisayo wukuthi abaphathi beqembu bamkhululile ukuthi amthungathe.
Ubuye wathi yize uChivaviro emazi njengomgadli kodwa kusakhona amabhawodi okumele awaqinise kuyena.
Kule minyaka ecela kweyishumi iChiefs ilwa nokubuyisa udumo lwayo lokunqoba izindebe, isilande abagadli abaningi bangaphandle, abanye abebethwelwe ngeqoma kodwa bafika bashaya udaka.
Sibheka emuva kwabambalwa abafika eNaturena kubhekwe lukhulu kubona kodwa kwathomba okhiye:
*Lazarous Kambole (Zambia): Wafika (ngo-2019-2022) eshayele iZesco United yangakubo amagoli angu-39 emidlalweni engu-56. KwiChiefs washaya amagoli amabili kumasizini amathathu eseNaturena.
*Gustavo Paez (Venezuela): Wafika ngo-2017 enomalando wokudlalela iMallorca yaseSpain kodwa wahamba ngo-2019 esashaye amagoli ayisikhombisa emidlalweni engu-47.
*Bonfils-Caleb Bimenyimana (Burundi): Uhlale isizini eyodwa kwiChiefs (2022-2023) wadlala kwengu-17 wayishayela amagoli ayisikhombisa okukhona kuwona namaphenathi amathathu awashaya ngosuku olulodwa.
*Camaldine Abraw (Togo): Wafika ngo-2015-2016, wadlalela iChiefs kwengu-28 wayishayela amagoli ayisithupha. Wafika noBongani Ndulula no-Edward Manqele.
*Lewis Macha (Zambia): UMacha wasayiniswa iChiefs ngo-2016, waze wakhonjwa indlela ngesizini elandelayo esadlale kwemine.
Abanye abagadli bangaphandle beChiefs abanomlando ongemuhle ekubeni befike bethwelwe ngeqoma kukhona, uLuke Jukulile (Zimbabwe), Louis Agyemang (Ghana), Sedge Djiehoua (Ivory Coast), Kelvin Mushangazhike (Zimbabwe), Wasiu Ipaye (Nigeria), Emeka Mamale (DR Congo), Jose Torrealba (Venezuela), Halidou Malam (Cameroon) no-Abbas Amidu (Zimbabwe).