KUBHEKWE ukuthi kugqame ukushiyana kwamaqhinga nendlela azosebenza ngayo enkundleni kowamanqamu weNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo, phakathi kweNingizimu Afrika neNew Zealand ozodlalelwa eStade de France eParis namhlanje ngo-9 ebusuku.
Ithimba labaqeqeshi bamaBhokobhoko eliholwa nguRassie Erasmus noJacques Nienaber laphumela obala ngokuthi ngesikhathi lithatha izintambo ngoFebhuwari ka-2018, inhloso kwakuwukwakha iqembu elizokwazi ukunqoba iNdebe yoMhlaba kulo nyaka.
Izinhlelo zabo zasheshe zasebenza ngesikhathi benqoba lo mqhudelwano eJapan ngo-2019.
Ngenxa yalokhu bagcine inqwaba yabadlali abadlala kulowo mqhudelwano ngesikhathi beqoka isikwati esizodlala eNdebeni yoMhlaba yalo nyaka, ukuze baqhubeke nomgqigqo nendlela iqembu eselibumbene ngayo eminyakeni emihlanu edlule.
AmaBhokobhoko ayincwadi evulekile futhi bonke abaqeqeshi bakuqonda kahle ahlose ukukwenza enkundleni kodwa esikhathini esiningi kuba yinkinga ukuwavimba.
Kuyenzeka-ke abuye aqhamuke nokuthile okusha, okuye kuphithanise imiqondo yamaqembu asuke ezobhekana nawo.
Akuyona imfihlo ukuthi enkundleni bathembele emandleni abadlali baphambili ukuthi kube yibona abadudula izitha ukuze iqembu liye phambili, bese laba abasheshayo beyagadla uma kuvuleka izikhala.
Yiso lesi sizathu esenze abaqeqeshi bamaBhokobhoko bafaka abayisikhombisa abadlala phambili noyedwa kuphela odlala emuva, ebhentshini abazolisebenzisa kowamanqamu kusasa.
Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi nangesiwombe sesibili azoba nabadlali baphambili abanomfutho, umdlalo uze uphele.
Leli qhinga balisebenzisa okokuqala bebhekene nayo iNew Zealand emdlalweni wokungcweka ngaphambi kweNdebe yoMhlaba eTwickenham ngo-Agasti.
Lasebenza kahle ngalelo langa njengoba bawaqumba phansi ngo 35-7 ama-All Blacks, ehluwa okokuqala ngomehluko wamaphuzu angaphezu kwangu-21.
Umqeqeshi u-Nienaber ubebaqalise ebhentshini uFaf de Klerk benoHandre Pollard kweyomkhumulajezi neFrance ne-England. Kulokhu ukhethe ukubafaka eqenjini elizoqala ukuze kuvuleke izikhala zabaphambili.
“Sisuke ekubeni nabadlali abahlanu abadlala phambili ebhentshini, saba nabayisikhombisa ukuze sizinike ithuba elihle lokunqoba umdlalo.
Sinezinhlelo zokugwema ukulimala kwabadlali basemuva. Siyazethemba izinhlelo yize sazi ukuthi bukhona ubungozi bokuthaka iqembu ngalolu hlobo,” kusho uNienaber.
“Siyaziqhenya ngeqhaza elibanjwe yibo bonke abadlali abebesesikwatini esikhulu ngokusifaka kowamanqamu ukuze sakhe leli thuba. Siyazi ukuthi siya empini enzima futhi kuzodingeka omunye umzamo osezingeni eliphezulu ukuze siphume phambili.”
Ama-All Blacks ajwayele ukusebenzisa amaqhinga ahlukile kunawamaBhokobhoko. Avame ukusebenzisa abadlali basemuva ukuyisa ibhola phambili, nakuba enabo nabaqatha abadlala phambili.
Kuzocaca enkundleni ukuthi leli qembu eliholwa nguSam Cane lizozama yini lokhu ukumelana namandla amaBhokobhoko, noma libheke ukuwakhathaza ngokugijima njengenjwayelo.
Ngokusho komqeqeshi wama-All Blacks, u-Ian Foster, bebegxile kakhulu ezinhlelweni zabo kuleli sonto yize bebazi ubunzima obubalindele kusasa.
“INingizimu Afrika iyisitha sethu esikhulu embhoxweni kodwa uma sibheka zonke izimpi esike sazilwa kuyacaca ukuthi womabili la maqembu ayahloniphana. Womabili asethubeni lokuqopha umlando.
“Uma ubheka eminyakeni emithathu noma emine edlule leli qembu laseNingizimu Afrika lenze kahle kakhulu. Bayakwazi abakwenzayo futhi nathi siyakwazi esikwenzayo, ngakho-ke kufanele kube wumdlalo wamanqamu othokozisayo.” Ozonqoba uzobe ephakamisa le ndebe okwesine emlandweni.
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana neNew Zealand kowamanqamu:
Abazoqala: 15 Damian Willemse, 14 Kurt-Lee Arendse, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Cheslin Kolbe, 10 Handré Pollard, 9 Faf de Klerk, 8 Duane Vermeulen, 7 Pieter-Steph du Toit, 6 Siya Kolisi, (ukaputeni), 5 Franco Mostert, 4 Eben Etzebeth, 3 Frans Malherbe, 2 Bongi Mbonambi, 1 Steven Kitshoff.
Abasebhentshini: 16 Deon Fourie, 17 Ox Nche, 18 Trevor Nyakane, 19 Jean Kleyn, 20 RG Snyman, 21 Kwagga Smith, 22 Jasper Wiese, 23 Willie le Roux.