UMQEQESHI we-Ocean Predators, uBusisiwe Msimango, uthe kusekude kube khona iqembu elizobathwalisa kanzima kwi-KZN Netball Super League.
UMsimango usho kanje ngesikhathi ezakhe zinqoba iGrand Finale unyaka wesine kulandelana emidlalweni ebibanjelwe eVictoria Mxenge Indoor Sports Centre, eMlaza, ngempelasonto edlule.
I-Predators iguqise iZiphozonke Netball Club ngo-40-33 kwabesilisa. Kwabesifazane, iHammardale Sunbeams yanqoba ngo-38-36 iguqisa iBSS Netball Stars.
“Kusekude kube neqembu elingashaya i-Ocean Predators futhi sisazoqhubeka nokuzidlela amahlanga eminyakeni ezayo. Ukusebenza kanzima, ukuzilolonga nokulalelana yikho okusenze sadla umhlanganiso. Ayikho imfihlo esenza ngayo, esikwenzayo ukulungisana amaphutha, sifunde kuwo,” kusho uMsimango.
Ubonge abadlali ngokumhlonipha yize esemusha eqenjini.
“Bekungelula ukunqoba kulo nyaka futhi lokhu kusho lukhulu kimi njengoba ngisanda kuqokwa njengomqeqeshi omusha. Ngibonga inhlonipho abadlali abanginike yona kwazise abanye babo benesipiliyoni esidlula esami,” kusho uMsimango.
Uqhube wathi ukuba nabadlali eqenjini lesizwe yikho okugqugquzela iqembu njengoba oSibongakonke ‘Ray Ray’ Vava noVukile Zulu beqokwe eqenjini lesizwe iFAST-5 elizodlala ku-FAST-5 Netball World Series ngoNovemba nonyaka eNew Zealand.
“Kukhuphula izinga lokudlala kwabanye abadlali ngoba nabo bayafisa ukuzibona besezingeni labo. Noma kubuye kube nezingqinamba ukuba nabadlali abakanjalo, abalandeli bagcina sebefuna ukuthi iqembu lihlezi liphumelela ngaso sonke isikhathi,” usho kanje.
Uthe zikhona izingqinamba iqembu ebelibhekana nazo okubalwa kuzo ukungafiki kwabanye abadlali uma bezojima ngoba bengenayo imali, abanye bebebanjwa umsebenzi. Uphinde wabonga nosihlalo weqembu, uJoseph Mhlongo ngokumethemba nokukholelwa kuyena.