UNOZINTI weCasric Stars, uLudwe Mpakumpaku, ukholwa wukuthi kule midlalo esele kusengenzeka noma yini ngombango weligi yeMotsepe Foundation Championship.
UMpakumpaku (29) osengumakadebona esigabeni seMotsepe Championshionship, ungomunye wabadlali abanamava abadingwa yileli qembu emshikashikeni walo wokulwela ukukhuphukela esigabeni seDStv Premiership.
I-Casric izotholana phezulu neBlack Leopards eMalamulele Stadium, eLimpopo, namuhla ngo-3.30 ntambama.
“Kule midlalo eyisishiyagalombili esisalele sobathathu nezimbangi zethu, iPolokwane neCape Town Spurs, kusengenzeka noma yini ngombango weligi ngoba sobathathu sinethuba lokuwina iligi.
Okusinika ithemba wukuthi sisazodlala neCape Town Spurs esibanga nayo iligi, okusho ukuthi nakanjani kuzofanele silwele ukuzishayela thina bona (iSpurs),” kusho uMpakumpaku.
“Sizobhekana nomdlalo ngamunye, kuze kube sekugcineni, ukubala nalo esizowudlala neBlack Leopards (namuhla), okungumdlalo ongelula neze ikakhulukazi njengoba nayo ilwela ukuvika izembe.
Empeleni kuyo yonke le midlalo esele kawukho nowodwa olula, ngakho sizolwa kuze kube sekugcineni,” kusonga uMpakumpaku.
I-Casric esendaweni yesithathu kwi-log yeChampionship ngamaphuzu angu-46, ibambene ngezihluthu nePolokwane City esendaweni yesibili ngamaphuzu alinganayo neCape Town Spurs, eqhwakele phezulu ngamaphuzu angu-47.
Womathathu la maqembu asedlale imidlalo elinganayo, asalelwe yimidlalo eyisishiyagalombili ukusonga isizini esezihubela sakusha kuyo, futhi mncane kakhulu umehluko wamaphuzu phakathi kwawo.
I-Casric iphinde yakhombisa ukungasinisi mahleza ngezinhloso zayo ngesicoco seligi, ishaya izimbangi zayo iPolokwane City ngo 1-0 ngoLwesithathu.
I-Casric ejulukise iKaizer Chiefs ngeledlule emdlalweni weNedbank Cup Last 16 yagcina iguqe ngo 2-1, kubukeka kulenyusile izinga lokuzethemba kuyona njengoba ikwazile ukubhodlela ezimbangini zayo, iPolokwane ngoLwesithathu.
Ngakolunye uhlangothi iCape Town Spurs izotholana phezulu nePretoria Callies, e-Athlone Stadium, eKapa, kusasa ngo-3.30 ntambama.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla ngo-3.30pm:
Baroka FC v JDR Stars (Baroka FC Village); Uthongathi FC v TTM (Princess Magogo Stadium); Black Leopards v Casric Stars (Malamulele Stadium); All Stars v Hungry Lions (Tsakane Stadium)
Kusasa ngo-3.30pm:
Cape Town Spurs v Pretoria Callies (Athlone Stadium); Venda FA v Polokwane City (Thohoyandou Stadium)