IMENENJA yeChippa United, uWanda Mbenguzana, idalule isizathu esibaphoqe ukuthi badayise umdlali wabo omqoka kwiMamelodi Sundowns ngesikhathi kuvulwe iwindi likaJanuwari lokuhwebelana ngabadlali phezu kokuba bedonsa kanzima kwiDStv Premiership.
IChilli Boys imangaze abaningi ngesikhathi idayisela iSundowns uZuko Mdunyelwa (24) oyibamba emuva kwesokudla. UMdunyelwa, obanga indawo noKhuliso Mudau, usayine kumaBrazilians kanye nabanye abadlali okuhloswe ngabo ukuqinisa isikimu njengoba leli qembu lifuna ukudla isicoco seCaf Champions League. Laba badlali nguMatías Esquivel wase-Argentina, Tashreeq Matthews obedlalela i-Club IK Sirius yaseSweden noThembinkosi Lorch osuka kwi-Orlando Pirates.
IChippa idayisa uMdunyelwa nje, ibalwa namaqembu asengozini yokugawulwa yizembe kwiPremiership ekupheleni kwesizini. Isendaweni ka-13 ngamaphuzu angu-20 emuva kwemidlalo engu-18.
UMbenguzana uthe bacabangele uMdunyelwa ngaphezu kweqembu.
“Omunye engabuza ukuthi kungani sidayisa umdlali ekubeni sisendaweni engeyinhle kwi-log. Siqunge isibindi ngoba sinabo abadlali abasebancane. Ithuba elifana naleli (lokufunwa yiqembu elikhulu) alifiki kaningi. Uma ubheka iminyaka yakhe, yisikhathi sokuzenzela imali ngoba siyazi ukuthi abadlali abaningi eMzansi bafika esigabeni esikhokhelayo sebekhulile. Ngakho sivumelene ngokuthi asimdedele ayokwenza imali. Besingamvimba ukuthi angahambi kodwa besizotholani ngalokho,” kusho uMbenguzana.
“Ngemali esiyitholile ngokumdayisa, sizokwazi ukuqhuba iqembu, senze nezinye izinto ezibalulekile. Nakuba abadlali benezinkontileka neqembu kuze kushaye isikhathi esithize kodwa kufanele sicabangele izimfuno zabo. SiyiChippa, asikwazi ukuthi sifuna ukuwina iligi ngoba lokho mhlawumbe kungenzeka kanye eminyakeni eyikhulu. Uma abadlali sebedlondlobele, sesiklinyeka yimiholo yabo, kumele sibadayise. Kufanele manje sithole ozovala indawo yakhe eqenjini.”
UMdunyelwa udlale kwiSundowns okokuqala ngesikhathi yehlula i-NB La Masia ngo 6-1 kowe-Last 32 yeNedbank Cup emasontweni amabili edlule. Umqeqeshi weSundowns, uRhulani Mokwena, uhlabeke umxhwele ngendlela adlale ngayo.
“UZuko unekhono, yilokho esimlethele khona lapha. Yikhono lakhe. Sizombekezelela. Indawo yasemuva kwesokudla kwiSundowns, ihlukile kancane okwamanje. Ngakho kufanele adlale ngendlela ehlukile kunabedlala ngayo kwiChippa. Kodwa sinaso isikhathi sakhe, sizobekezela. Mncane cishe ngeminyaka emine ku-Sailor (Mudau), ngakho kufanele simbekezelele,” kusho uMokwena.
IChippa iqale impilo entsha ngaphansi kwabaqeqeshi abasha okunguThabo September noKwanele Kopo. Emdlalweni wabo wokuqala wePremiership, badlale ngokulingana ngo 1-1 neCape Town City ekhaya. NgoLwesihlanu bathole iphuzu ekuhambeni bebambela ikhaya iStellenbosch FC ngomphumela ofanayo.
“Laba ngabaqeqeshi abayaziyo iligi bobabili. UThabo udlalile esigabeni esikhokhelayo, uKopo usebuya emaqenjini esizwe abasakhula nakwiMotsepe Foundation Championship. Bayazi kahle iPremiership. Sinethemba lokuthi bazolisiza iqembu,” kusho uMbenguzana.