ISITOBHA seKaizer Chiefs, u-Edmilson Dove, siwubeke emahlombe abo bengabadlali umthwalo wokufaka ekhanda amaqhinga omqeqeshi omusha ukuze kuzobuya izinsuku zenjabulo eNaturena.
IChiefs iseTurkey lapho ezicijela khona ukuqala kwesizini entsha ngaphansi kukaNasreddine Nabi, waseTunisia nethimba lakhe. Lo mqeqeshi obepheka i-AS FAR Rabat yaseMorocco, uhlangane okokuqala nabadlali beChiefs maphakathi nesonto. Kuma-video aphanyekwa yileli qembu ezinkundleni zalo, kuyacaca ukuthi lukhulu ushintsho afike nalo uNabi.
UDove uthe konke kuhamba kahle ekhempini futhi kuyamkhuthaza ukubona becula futhi bekhombisa ubumbano.
“Amalungiselelo esizini ahamba kahle kodwa kunzima. Yisikhathi esinzima kunazo zonke zesizini. Kodwa ngicabanga ukuthi bonke abafana bagqugquzelekile futhi bagxilise imiqondo yabo. Sibhekana nosuku ngalunye. Sithemba ukuthi kuzofika isikhathi sokuqala kwesizini sesicijile,” kusho uDove ekhuluma kwi-video yeChiefs.
“Okubaluleke kakhulu wukugxila ebholeni, sizame ukuthola konke okuzodingeka uma isizini isiqala okunjengamaqhinga. Sinethimba labaqeqeshi elisha. Sizama ukubamba indlela yokudlala entsha abafuna sidlale ngayo. Abaqeqeshi abafani futhi banezindlela ezingafani zokwenza izinto. Ngicabanga ukuthi kusezandleni zethu ukuncela konke abazama ukusinika khona, sikwenze kusebenze enkundleni. Sinethemba lokuthi sonke singakwazi ukuthola konke okudingekayo ukuze sibe bukhali ngaphambi kokuqala kwesizini.”
IChiefs izodlala imidlalo yobungani namaqembu ahlukene eTurkey ngaphambi kokubuya eMzansi izobhekana neSimba SC yaseTanzania emdlalweni weToyota Cup eBloemfontein ngoJulayi 28.