IMEYA kaMasipala wesifunda iKing Cetshwayo, uMnuz Thami Ntuli, yethule izinhlelo zokufakwa kwamanzi ezizodla uR44,9 million, ngoLwesibili eMfanefile, eMthonjaneni.
Emizameni yokubhekana nokunciphisa izinkinga zokwentuleka kwamanzi esezidonse isikhathi eside zikhona koMasipala bezindawo ezingaphansi kukaMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo, uNtuli uhambele le ndawo yaseMfanefile eku-ward 5 kuMasipala waseMthonjaneni ukuyokwethula umsebenzi wokufakwa kwamanzi odle uR44, 9 million.
Lo msebenzi kuhloswe ngawo ukuthi ulungise futhi uqede izinkinga zamanzi ngaphansi kwalo Masipala.
Kulindeleke ukuthi lo msebenzi wakhe amathuba angu-22 emisebenzi kubantu bendawo, nokuzophinde kuthi ingxenye yale mali ibhekane nezidingo ezizothuthukisa amalungu omphakathi.
Kuphinde kwethulwa usonkontileka ozoqala ukusebenza alungise udaba lwamanzi.
Lolu hlelo kulindeleke ukuthi luphele ngo-Agasti 2024.
“Amanzi angesinye sezidingongqangi ezingamalungelo ethu. Njengoba sethula lolu hlelo lokuletha amanzi olusidle uR44.9 million, sithi wonke umuntu ufanelwe wukuthola amanzi nokuphuza amanzi ahlanzekile. Siyakugcizelela ukuthi njengoMasipala waseKing Cetshwayo indaba yamanzi sibhekene nayo ngqo,” kusho uNtuli.