OKLEBE bagasele bavimbezele babopha abasolwa abayisishiyagalombili ngamacala enkohlakalo, ukufoja, ukushushumbisa imali nokuphula umthetho wokusetshenziswa kwemali kahulumeni, okuyisigaba 86 (1).
Umsuka waleli cala ukhonjwa kuJanuwari 2016 lapho uMnyango wezeMfundo esifundazweni i-Eastern Cape wacela ihhovisi likandunankulu ukuba lilekelele kutholakale amakilasi angu-72 esikhashana nefenisha yakhona eGqeberha nase-Uitenhage.
Kwaqokwa inkampani ezofaka ithenda engaphezu kuka-R20 million, kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwavela ulwazi oluthi kunezikhulu eziphezulu ezaphambanisa uhlelo ekulandeleni inqubo yokuthengwa kwempahla ngendlela engafanele, ngesikhathi kuqashwa le nkampani.
Kuphinde kwasolwa ozokwenza umsebenzi okhethiwe, wayexhumene kakhulu nezikhulu eziphezulu ehhovisi likandunankulu.
"Kubuye kwavela ukuthi yize umsebenzi ungenziwanga ngendlela, kunamakilasi angazange ahanjiswe lapho ayedingeka khona, kodwa imali eyayibekelwe lo msebenzi yasetshenziswa yaphela.
Udaba lwabikwa koKlebe ukuze baqale uphenyo.
NgoMsombuluko mhla ka-11 kwephezulu uphiko loklebe oluphenya amacala abucayi enkohlakalo e-East London lubambisene nozakwabo emahhovisi kazwelonke, amaphoyisa aphenya inkohlakalo kanjalo neGauteng National Intervention, bakwazile ukubopha abasolwa abayisishiyagalombili abaneminyaka ephakathi kuka-43 no-71.
"Kwababoshiwe kukhona izikhulu eziphezulu ehhovisi likandunankulu kanjalo nabaqondisi benkampani ethintekayo.
Laba bazovela eNkantolo yeMantshi eZwelitsha, ngoLwesibili.