ZIYANDA izinkinga kuMengameli Cyril Ramaphosa obheke ukuthola ihlandla lesibili lokuhola i-ANC
Yize esebenza kanzima ukuzivikela nokuputshuka ehlazweni lePhala Phala, kodwa kubukeka kuwumqansa ukubalekala izinkinga njengoba kunemibiko yakamuva ethi uvulelwe icala esiteshini samaphoyisa eBooysens eGoli.
Usomabhizinisi uReuben Sekwele, uvulele umengameli icala lokweba isu lobuhlakani bakhe. USekwele ongumphathi weRubbytad Group, ungumkhiqizi ozimele wezamandla, usola uRamaphosa ngokweba uhlelo lwebhizinisi lakhe alufaka efuna umsebenzi.
Usola uRamaphosa ngokusebenzisa ingxenye yohlelo lwakhe ngesikhathi ethula uhlelo lukazwelonke lwezamandla. Lo somabhizinisi uthi wamnikeza ngokwakhe uRamaphosa uhlelo lwebhizinisi yakhe ngo-2018 futhi bake baba nesikhathi sokuthatha izithombe ngesikhathi emnika.
Uthi uRamaphosa wamazisa kweminye iminyango kahulumeni wathi uthokozile ngohlelo lwebhizinisi lakhe futhi wayexhumana kaningi nale minyango ngama-imeyili.
USekwele utshele abeSunday Independent ukuthi uphoqeleke ukuba avulele umengameli icala ngemuva kokuthi yena neminye iminyango kahulumeni besebenzise uhlelo lwakhe njengolwabo.
ISunday Independent, okunguzakwabo weSolezwe, izwe ukuthi icala livulelwe umengameli neminye iminyango emithathu kahulumeni.