IYAVEVA inhlangano ephakela izikole KwaZulu-Natal, ngesitatimende esenziwe nguMnyango wezeMfundo esifundazweni sokuthi ibona okumele bazinuke amakhwapha ngokungakhokhelwa ngesikhathi ngenxa yokuthi eminye imininingwane ayifiki ngesikhathi emnyangweni.
Le nhlangano ithi ngamampunge lokhu ngoba osonkontileka bahambisa zonke izimfanelo ngesikhathi.
Labo sonkontileka bakhala ngokungakhokhelwa ngesikhathi osekuphenduke insakavukela eMnyangweni wezeMfundo esifundazweni.
Le nhlangano i-National School Nutrition Programme Service Providers Association (NSNP), ithe akulona iqiniso ukuthi ibona okumele bagxekwe ngokungakhokhelwa ngesikhathi.
Isitatimende sayo sithe kudala ihambisa izikhalazo zayo zokungakhokhelwa ngesikhathi ekubeni imali ephuma kuzwelonke kudala yafakwa esifundazweni.
Ithe nakuba lolu hlelo lwengezelwe isabelomali ngo-R19 million, okwamenyezelwa nguMphathishwa wezeziMali, uMnuz Francois Rodgers, kodwa awukho umnyakazo wokukhokhelwa ngesikhathi njengoba kuphela izinyanga imali ingafakiwe.
“Abanye osonkontileka bangene shi ezikweletini. Noma singakhokhelwa kodwa kulindeleke ukuthi ukudla sikuhambise ezikoleni. Abanye sekuphele izinyanga ezintathu bengakhokhelwe okwenza bangakwazi ukukhokhela izikweletu abasuke bezenzile bethenga ukudla,” kusho isitatimende.
Umholi we-ActionSA esifundazweni, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe le nkinga engaxazululeki yenza kube nongabazane kuhulumeni ukuthi ubakhathalele abafundi abangeke badle.
Uthe akuqali ukuthi kube nesimo esifuze lesi njengoba nanyakenye kwaba nenhlekelele abafundi bangadla.
“Sambhalela ngoJulayi uMphathiswa wezeMfundo, uMnuz Sipho Hlomuka, sifuna incazelo mayelana nokubambezeleka ekukhokhelweni kosonkontileka, wasishaya indiva. Kucacile ukuthi uhulumeni wesifundazwe ohlanganisa i-ANC, IFP, DA ne-NFP uyahluleka ukubhekela abafundi,” kusho uMncwango.
Umnyango usuke wayiveza eyokuthi ukufakwa izikhawu kwemali yawo kwenza ungakwazi ukuhlangabezana nezinye izidingo okubalwa ukukhokhelwa kwabenza imisebenzi nalo mnyango ngesikhathi.
Okhulumela umnyango, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe bayaxoxa nenhlangano emele abaphakela izikole mayelana nokukhokhelwa.
Uthe akubona bonke abangakhokhelwe njengoba ezinye izizathu zidalwa ngukuthi abakazilethi ezinye izimfanelo ngesikhathi.
“Abanye uthola ukuthi othishanhloko besuke bechitha ukuthi izinto ezithile zilethwe bese kuba nokubambezeleka. Siyangenelela singumnyango ekutheni bakhokhelwe ngokushesha. Sinethemba ukuthi bazokhokhelwa lingakapheli isonto.”