ZIDLA lubi izigameko zokubanjwa inkunzi kwezimoto ezithwala imali KwaZulu-Natal, ikakhulu eThekwini nasezindaweni ezisondelene naleli dolobha.
Esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezintathu nje kuphela, sevile kweziyisihlanu izigameko ezibikiwe lapho kubanjwa khona izimoto zemali, kwesinye isikhathi kushone noma kulimale onogada, kanti kokunye abasolwa baphuma inqina kamabuyaze.
Lesi sihlava siletha ukukhathazeka emphakathini, emaphoyiseni nakubashayeli abasebenzisa imigwaqo njengoba kwesinye isikhathi abasolwa bayibhozomela imoto leyo esidlangalaleni, kudutshulwane nonogada okugcine kuholela ekutheni kulimale nabantu abangasiyona ingxenye yempi equbuka ngaleso sikhathi.
Esigamekweni esenzeke ngoLwesithathu, esishiye abantu bekhexile esenzeke emgwaqweni omkhulu uMalandela onqamula elokishini KwaMashu, abasolwa abangaziwa okuthiwa bebehamba ngezimoto ezimbili, bavimbe imoto ethwala imali, bakwazi ukwehlula onogada abathathu abebeyiqaphile. Babaphuce izibhamu zabo, bayiqhumisa ngesiqhumane imoto yavutha amalangabi ngaphambi kokuthi bashaye bachithe nesamba semali engadalulwanga. Basafunwa uthuli ngamaphoyisa.
Kwesinye isigameko esifanayo esenzeke eFolweni ngoLwesibili, unogada oyedwa ushonele endaweni yesigameko kwathi omunye waphuthunyiswa esibhedlela elimele kabi. Kusolwa ukuthi abasolwa abebehamba ngemoto ethile bavulele ngenhlamvu bebhekise emotweni ethwala imali. Kuvela ukuthi basebenzise iziqhumane ukuqhumisa imoto yemali ngaphambi kokuthi bazitapele emalini, bashaya bachitha.
Umshayeli wemoto ethwala imali yena kuthiwa ukwazile ukuphuma abaleke ngaphandle kokuthelwa amachaphazelo, washiya ngemuva ozokwabo beyibambile, bebhekene ngqo nezigebengu.
Kwenzeka lokhu nje, bekusabatshazwa ibhayisikobho ebonakale enkabeni yedolobha iTheku ngenyanga edlule emgwaqweni uBertha Mkhize, emakethe. Abasolwa okukholakala ukuthi balandele lolu hlobo lwemoto lusuka kwesinye isitolo esikhona enkabeni yeTheku okuthe nje isihambe ibanga elingengakanani, bazama ukuyibhozomela. Batholane phezulu nonogada, imoto ethwala imali, yaphaphalaza yagudla unqenqema lomgwaqo kwalimala abadayisi basemgwaqweni. Kulesi sigameko kwadubuleka othile okukholakala ukuthi wayezihambela nje edolobheni, wahlangabezana nenhlamvu ebindiza emoyeni.
Ngosuku olulandelayo, kwabanjwa imoto yemali egaraji eliseMlaza, abasolwa kuthiwa bashaya bachinta nesamba semali esingadalulwanga.
Lesi sigameko besilandela esenzeke KwaMashu, eBridge City, ngo-Agasti, lapho kuqhunyiswe khona imoto ethwala imali ngabasolwa abangaziwa.
Isishoshovu esilwela amalungelo abantu, uNkk Mary de Haas, sithe lesi sihlava asizukuphela uma kuwukuthi akubhekesiswa izinkampani zonogada ezizimele okuyizona ezenza umsebenzi wokuqapha imali.
“Ikomiti longcweti abaphenya lezi zigameko, laveza ukukhathazeka kwalo ngokubhekisiswa kwezinkampani zonogada ezenza lo msebenzi njengoba kuvela ukuthi ezinye zisebenza zingenazo izimvume. Nazo izinkampani ezibhalisile kufanele zenze ucwaningo ngabasebenzi ezibaqashayo. Imvamisa babheka ukuthi umuntu useke walenza yini icala, kodwa inkinga yalokhu ukuthi abantu abaseke benza amacala agcina engaveli ngenxa yokuba buthuntu kwezomthetho,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe ukwenzeka kwalezi zigameko kukhombisa ukuthi kukhona abasebenza ngaphakathi abakhiphela izigebengu ulwazi.
“Kuyakhombisa ukuthi lobu bugebengu busuke buhlelwe kahle. Kukhona abangaphakathi abanikeza ulwazi ekutheni imoto izohamba kuphi nini uma ubheka nezikhathi okwenziwa ngazo lobu bugebengu. Kusuke kuyinto ehlelwe kahle.
“Amaphoyisa ayawulandela umkhondo kubhekwe izinto ezithile, nemifanekiso yama-video. Abasolwa bayaboshwa kodwa ngenxa yokuthi basuke bengamaqeqebana athile, abangakaboshwa bayaqhubeka beyojoyinwe abanye abangaphandle, lobu bugebengu buqhubeke futhi,” kusho uNaicker.
Uthe noma kunjalo amaphoyisa enza konke okusemandleni ukubopha izigilamkhuba.
Zingu-60 izigameko zalolu hlobo lobugebengu ezibikwe ezweni lonke, ezinyangeni ezintathu zekota yokuqala yonyakamali u-2023//2024.