UNGQONGQOSHE wezokuHlaliswa kwaBantu eNingizimu Afrika, uNksz Mmamoloko Kubayi, uthembise ukuthi bazosuswa ngokushesha abantu abakhahlanyezwe yizikhukhula abasahleli emahholo.
UNksz Kubayi usho lokhu ngeSonto ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokuvula ingqungquthela yezokuhlaliswa kwabantu eseDurban Exhibition Centre.
“Siyavumelana nomcwaningi mabhuku jikelele ngokuthi kusithathe isikhathi eside ukwakhela abantu abakhahlanyezwe yizikhukhula izindlu zesikhashana kodwa lokhu kwenziwa wukuthi abasebenzi bebeyiqaphe kakhulu imali ukuthi ayimoshwa, yenza lokho okufanele ikwenze. Sivumelene nabasebenzi ukuthi njengamanje basheshise uhlelo lokwakhela abantu ukuze basheshe baphume emahholo,” kusho uNksz Kubayi.
Izingqinamba esibhekene nazo ezokuthola umhlaba nempahla yokwakha kodwa usonkontileka sizomyalela ukuthi athenge impahla esezingeni elifanele.
Uthembise ukuthi zizojika izinto ekulethweni kwezindlu zikahulumeni kubantu njengoba ezimisele ukuqeda imicikilisho.
“Njengamanje abantu bakithi balinde izindlu, sizosebenzisana nosomabhizinisi namabhange ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zethu zentuthuko ziyashesha. Uhulumeni usededele umhlaba ongakuye ukuqinisekisa ukuthi kwakhelwa abantu izindlu. Sizobhekisisa nemali ukuthi isetshenziswa kanjani ezifundazweni, sithole ukuthi kungani enye igcina ibuyela kuzwelonke,” kusho uNksz Kubayi.
Uthe abantu akufanele babone sengathi bayeqiwa kulayini wokuthola izindlu yilabo abadilizelwe yizikhukhula ngoba isimo sabezikhukhula siyaphuthuma.
Amazwi akhe ananelwe yiMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, othe miningi imizamo abayenzayo yokuqinisekisa ukuthi abantu bayasuswa emahholo bathola izindlu zabo.
Uveze ukuthi nabahlala emjondolo bayanikwa izidingongqangi njengamanzi, izindlu zangasese eziphephile nogesi.
UNksz Kubayi uthe ukufakwa kwamanzi, ugesi nezindlu zangasese emjondolo akusho ukuthi uhulumeni ugqugquzela abantu ukuthi badle umhlaba kodwa wenzela ukubanikeza isithunzi sabo nezidingo ezifanele ngokwamalungelo abantu.
Kukhona namakhosi engqungqutheleni kanti athi afuna intuthuko ilethwe emakhaya.