I-NATIONAL Stokvel Association of South Africa isidonse ngendlebe abadlala izitokofela ukuthi bangakhiphi imali emabhange ngenhloso yokuyoyihlukanisela ndawana thize ngoba izigebengu sezibabhobhele.
Le nhlangano ebhekele okwenzeka ezitokofeleni zakuleli, ithe abantu kufanele bahlukanise imali ebhange ngokuthi bayithunyelelwe kuma-akhawunti abo bangahambi nokheshi.
Kuphuma lesi sixwayiso njengoba sekusondele amaholidi kaKhisimusi lapho abadlala izitokofela besuke behlukanisa khona imali.
Ngalezi zinsuku izitokofela ezihlukanisa imali emizini ethize ziyahlaselwa yizigebengu ezisuke zihoshe umoya wokuthi kuzohlukaniswa imali.
UMnuz Andrew Lukhele onguSihlalo weNational Stokvel Association, uthe abantu kufanele baqaphele ukuthi imali bayihlukanisela kuphi.
Uveze ukuthi ngokujwayelekile abantu baye bahlangane emzini othile bese behlukanisa imali yestokofela.
Uthe kufanele amalungu estokofela aqinisekise ukuthi imali ihlukaniswa ngendlela ephephile.
Ubalule ukuthi amalungu estokofela kufanele ahlangane asho ukuthi imali azoyihlukanisa ngezindlela zesimanje, okuwukuyifaka kuma-akhawunti asebhange.
Uthe izinkinga ziqala uma umuntu sekufanele ayokhipha isamba semali ebhange bese elandelwa yizigebengu.
Lo mkhuba uthe kufanele uphele ngoba ubeka abantu engcupheni yokuqolwa.