KUSEKUDE ukwamukela ukuthi othandiweyo womndeni akasekho emhlabeni emndenini wakwaMhlongo eNanda, eMzinyathi, enyakatho yeTheku ngenxa yokuduva emakhazeni kahulumeni kwesidumbu lo mndeni okholwa wukuthi ngesendodakazi uNksz Nolusapho Dladla, owamuka nezikhukhula zango-2022, eneminyaka ewu-17 ngaleso sikhathi.
Uyise wale ntombazane, eyashona ifunda u-Grade 10 eDabeka Secondary, eMaqadini, uMnuz Delani Mhlongo uthe okwenza yena namalungu omndeni wakhe bangakutholi ukuphumula ngalesi simo wukuthi manje sekuyophela iminyaka emithathu belinde futhi befuna ukungcwaba ithambo lendodakazi yabo, kepha abakwazi ukwenza kanjalo ngenxa yokuvinjelwa wuhlelo lolibofuzo, oluphika amalungu omndeni, naye uqobo.
“Inkinga enkulu wukuthi kwathi isidumbu sendodakazi yami sesitholakele emva kwamasonto amabili imukile, sagcinwa emakhazeni kahulumeni asePhoenix. Kwathi sesiya khona ukuyobheka ukuthi akusiso yini esethu, ngokwethu sabona futhi savumelana siwumndeni ukuthi yithambo lethu leli, yize sase siqala ukonakala futhi singasabonakali kahle ebusweni. Manje sivinjwe wukuthi kuthe sekwenziwa ulibofuzo lwesidumbu namalungu omndeni, kubalwa nami uqobo, lwasiphika - okwenza ukuthi abamakhaza bangakwazi ukusinika, sisingcwabe ngokuthula,” kukhononda uMhlongo.
Eqhuba, uthe bakhathazeke kakhulu ngokuthi sekuyoze kuphele unyaka wesithathu belinde ukungcwaba futhi sebeguduze kuyo yonke iminyango efanele futhi kwabikwa kudala nakwabomthetho ukuthi akulandelelwe lolu daba, kepha bafika kwangqingetshe ngendaba yolibofuzo, osekucacile ukuthi ngeke kwenzeke lutho ingakalungiseki indaba yalo, noma kuvunyelwane ngandlela thize.
“Lesi simo siyasilimaza emoyeni futhi siyawuhlukumeza wonke umndeni, kangangokuthi kuba nomunyu wodwa kwabomndeni uma lina noma kunezikhukhula ngoba sibuya sinjengoba sinjalo isithombe sendodakazi yami eyashona ingagulanga, okumanje asikwazi ukuyingcwaba, sidlule kulesi simo esingazi ukuthi kumele senzenjani ukuze kwenzeke ubulungiswa enkingeni esibhekene nayo,” usho kanje.
Uthe umndeni wonke nje uhlukumezekile ngalesi simo futhi bafisa ukuthi kube khona okwenzekayo kusukela manje, uma kukhona ongabasiza - abasize nganoma iyiphi indlela abangakwazi ukusizakala ngayo ukuze badlule kulenkinga, kuphole amanxeba eminyaka.
Umndeni wakwaMhlongo usola nokuthi kubhediswa uhlelo ngamabomu ngoba wake wabhikisha emakhazeni efuna kukhululwe isidumbu. Manje ufuna amasampula olibofuzo esidumbu athathwe phambi kwawo wudokotela ozimele, ngoba awukholwa ukuthi isidumbu akusona esawo ngoba "wazibonela izimpawu zikaNolusapho emzimbeni" ngenkathi kusanda kutholakala isdumbu.
Kuthintwa uNksz Nosipho Gumede, owayephethe emakhazeni kahulumeni okugcinwe kuwona lesi isidumbu, uthe njengoba engasasebenzi kuwona akakwazi ukuphawula ngezimo nezinkinga zokwenzeka esasebenza khona, andukuba mhlawumbe kube wuMnyango wezeMpilo ovumela ukuthi kube khona akushoyo ngalolu daba.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uMnuz Agiza Hlongwane ucele ukuthi bathunyelelwe i-email echaza ngesimo nenkinga yalo mndeni ukuze baphenye futhi babheke ukuthi kukhona yini okusengenzeka ngalo ukuze kuphunywe nesixazululo esinobulungiswa.