AYALULAMA amaphoyisa amabili adutshulwe yilungu lomphakathi okuthiwa lizenze umuntu ofuna usizo emaphayiseni ase-Alexandra ngoLwesine.
Kuthiwa lo msolwa oneminyaka engu-26 ubudala ufike esiteshini ekhala ngokuthi kukhona ofuna ukumbulala. Amaphoyisa amhlalisa phansi emtshela ukuthi uma kufika iveni kuzohanjwa kuyophenywa ngalezi zinsolo zakhe.
“Usukume lapho wajikela ngasemaphoyiseni wadonsa isibhamu sephoyisa ebelithatha izitatimende libeke isibhamu etafuleni. Lo msolwa kuthiwa udubule esidlangalaleni, ngeshwa kwalimala amaphoyisa amabili, u-sergeant oneminyaka engu-48 ubudala no-constable oneminyaka engu-27. Bobabili badubuleke engalweni yakwesokudla. La maphoyisa aphuthunyiswe esibhedlela,” kusho iPhini likaKhomishana wamaPhoyisa eGauteng, uMajor-General Fred Kekana.
Amanye amaphoyisa abe eseyalela umsolwa ukuba abeke phansi isibhamu kodwa waphuma wabaleka kodwa eqhubeka edubula.
“Amaphoyisa amjahile, waqhubeka nokudubula ebhekise kuwona, wadubuleka lapho, wasala enkundleni.”
UMajor-General Fred Kekana uthi amaphoyisa alimalile ayalulama, kanti lesi siteshi samaphoyisa sisavaliwe okwamanje, kodwa umphakathi uzoqhubeka nokuthola usizo lwamaphoyisa.
IPhini likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uMajor-General Fred Kekana