ZIYANDA izifundazwe eseziphumele obala zavikela uMengameli Cyril Ramaphosa, emva kokugxekwa kwakhe ngababengomengameli bezwe.
Abe-ANC eNorth West, Limpopo, nase-Eastern Cape sebephumele obala bavikela uRamaphosa ekugxekweni kwakhe.
Lokhu kwenzeka emva kokuthi uRamaphosa egxekwe ngababengomengameli, oMnuz Thabo Mbeki, Jacob Zuma noKgalema Motlanthe, ngesonto eledlule.
Bekhuluma ezindaweni ezahlukene, ababengomengameli bagxeke i-ANC noRamaphosa, nendlela uRamaphosa asingathe ngayo udaba lokugqekezwa kwepulazi lakhe eliseLimpopo.
UZuma waze wabiza uRamaphosa ngesikhohlakali.
I-ANC kulezi zifundazwe ithi ababengomengameli bekungafanele bagxeke i-ANC noRamaphosa esidlangaleni.
Izitatimende zabo zilandela esikhishwe yi-ANC KwaZulu-Natal, nayo egxeke izenzo zalaba baholi.
UNobhala we-ANC eNorth West, uMnuz Louis Diremelo, uthe bebengalindele ukuthi ababengomengameli bangenza into enje, into elindeleke kumholi we-EFF, uMnuz Julius Malema.
“Njengoba sisembhidlangweni wokwakha kabusha i-ANC, abaholi bethu esibahloniphayo akufanele baziphathise okwamaqembu aphikisayo, lawa aholwa yilo mfana omncane waseLimpopo.
“Esikulindele kubaholi bethu wukuthi basebenzise izinhlaka zangaphakathi kwi-ANC, uma kukhona abafuna ukukudlulisa. Njengamanje i-ANC ibhekene nesikhathi esinzima. Asilindele ukuthi abaholi bethu kube yibo abanesandla ekubulaleni inhlangano.”
UNobhala we-ANC eLimpopo, uMnuz Reuben Madadzhe, uthe laba baholi kufanele engabe beza nezixazululo esikhundleni sokugxeka.
“Laba baholi bahlala emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-ANC. Banesikhathi sonke sokusho lokho abakubona kungahambi kahle kule mihlangano. Yize sikuhlonipha ukuthi banelungelo lokubeka imibono yabo noma yikuphi lapho bethanda khona, siyakholelwa ekutheni akufanele bagxeke i-ANC esidlangaleni.”
UMadadzhe uthe uRamaphosa kufanele anikezwe isikhathi sokuthi alungise izinkinga ezibhekene nezwe ne-ANC.
“Yebo, siyakuvuma ukuthi njengamanje i-ANC nezwe babhekene nezinkinga eziningi. Kodwa lezi zinkinga kazidalwanga nguRamaphosa. Laba ababengomengameli kufanele balekelele ekuqhamukeni nesisombululo.”
USihlalo we-ANC e-Eastern Cape, uMnuz Oscar Mabuyane, uthe akusizi ngalutho ukugxeka kwababengomengameli esidlangaleni.
“Le nto siyibona iyishwa, futhi izophazamisa i-ANC. Lena akusiyo into obekufanele yenzeka. Yebo, sonke sinazo izinto esingajabule ngazo. Kodwa esikufisayo wukuthi bonke abaholi be-ANC basebenzise izinhlaka ezifanele ukudlulisa izikhalo zabo.”