ZIYIFANISA nesigodi sethunzi lokufa indawo eyisiganga ebhulohweni eliphakathi kwaseMachobeni naseMolweni izakhamuzi kulandela ukuthowa kwezidumbu zabesilisa ababili abangaziwa ngoLwesithathu.
Izidumbu zabafi, ebeziboshwe izandla ngemuva, kuthiwa zibonwe ngumuntu obezidlulela, wahlaba umkhosi emaphoyiseni nasemphakathini.
Umthombo weSolezwe, ocele ukungadalulwa, uthe kubukeka sengathi babulawelwe endaweni yesigameko ngokudutshulwa njengoba igazi beligobhoza lapho ziwele khona izidumbu.
“Mhlawumbe yisigameko seshumi manje lesi, kutholwa abantu ababulewe esikhathini esingangonyaka,” kubabaza umthombo.
Uthe ngeledlule kutholwe isidumbu sowesilisa obephoswe phansi ebhulohweni.
“Ukutakulwa kwakhe kwakunzima ngenxa yokuphoswa phansi ebhulohweni. Ayikho inhlobo yephoyisa engafikanga kuzanywa ukuthi atakulwe,” kusho umthombo.
Ngaphambi kwalokho kwatholwa umuntu eshisiwe.
“Uhulumeni ake asilekelele ngendaba yobugebengu babantu ababulawayo kule ndawo,” kusho umthombo.
Induna yendawo, uMnuz Zaba Muthwa, ikuqinisekisile ukuthi le ndawo ihlaselwe yizehlo ezihlasimulisa umzimba ngenxa yokuthi iyisigange futhi akuvamisile ukuthi abantu behle benyuke kuyo.
Uvumile ukuthi sekuyinto ejwayelekile ukuthi kutholwe izidumbu zabantu ababulewe ngesihluku.
“Sikholelwa ekutheni bababulalela kwezinye izindawo bese bezobalahla lapha endaweni yethu ngoba kuye kuthi uma kulandelelwa kuvele ukuthi abantu basezindaweni eziqhele kakhulu nathi,” kusho uMuthwa.
Uthe le nkinga ibakhathaza kakhulu ngoba ingcolisa indawo yabo futhi itshala ukwesaba ebantwini.
Uveze ukuthi ngenxa yokwanda kwalezi zigameko baze basungula iforamu eqapha ubugebengu endaweni nyakenye, wathi ukhathazeke ngokuthi yize kunjalo izigameko azinciphi.
“Sesifisa nokuthi kulethwe isiteshi samaphoyisa esingumahamba nendlwana kwenzele ukuthi zizothuka izigebengu,” kusho uMuthwa.
NgoFebhuwari nonyaka Isolezwe libike ngowesifazane, uPatricia Jeza (48), nendodakazi yakhe, uQueen Jeza (22), baseChesterville abatholwa belahliwe endaweni efanayo.
Emva kokuhlonzwa ukuthi bangobani, kwaboshwa inyanga, uMnuz Abraham Mhlaba, owayengumfundisi webandla lamaJericho eNanda ngokubulawa kwabo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNanda aphenya amacala amabili okubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe abesilisa ababili eMachobeni izolo.
“Abagilwa batholwe benenqwaba yamanxeba okudutshulwa,“ kusho uNetshiunda.