UKUBA nekhaya noma indawo yokusebenzela ehlotshiswe kahle kusetshenziswa ikhono nesitayela, yinto abantu abaningi abayithandayo.
IBellissimo Lifestyle Designs eyingxenye yombukiso i-East Coast Radio, House and Garden Show 2023 ese-Exhibition Centre, eThekwini, eqale ngoMgqibelo ephela ngeSonto ingezinye zezinkampani ezibusa ngamakhono nemisebenzi emihle yokuhlobisa kulo mbukiso.
Le nkampani igabe ngokwenza imisebenzi eshiya ababukayo bethathekile ukuze nabo benze imizi noma izindawo zabo zibukeke kahle.
UNkk Shereen Fynn oyimenenja yezokukhangisa kule nkampani, uthe le nkampani ikwazi ukuguqula umbono wekhasimende ube ubuhle obuzisholo bona ukuthi ikhaya noma ihhovisi linobuntu.
"Sisebenzisa ulwazi olubanzi nobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu kulo mkhakha. Ikhasimende silinika ukweneliseka," kusho uNkk Fynn.
Ukusebenza ngokuzimisela kwale nkampani kuholele ekutheni ithole indondo yesiliva kwi-Homemakers Expo, i-Kyalami Grand Prix Mashi 2023 nendondo yegolide yesitendi sombukiso esihamba phambili kwi-Rand Show ebiseGoli ngo-Ephreli 2023.
Abafundi beSolezwe abafuna ukuzibeka ethubeni lokuzitholela amathikithi okuya kulo mbukiso ukuze babone imisebenzi yale nkampani nezinye eziningi ezikulo mbukiso.
Abantu bangathumela igama elithi "ISOSHOW" ku-33258, i-SMS ibiza R1.50. Abawinile bazokwaziswa ngocingo. Umncintiswano uzovalwa namhlanje ngo-12 emini.