UNETHEMBA lokuthi iqembu lakhe lisazovuka yize liphikwa yimiphumela kulezi zinsuku umqeqeshi weWydad Athletic, uRhulani Mokwena.
EzikaMokwena zithole isibhaxu imidlalo emibili ilandelana kwiligi yaseMorocco, iBotola Pro 1. Ziqale zaqunjwa phansi yiCOD Meknes ngo 2-0 ngoLwesithathu oludlule, zaphinde zaguqiswa yiRSB Berkane ngo 1-0 ngoMgqibelo.
Selokhu iqalile isizini, iWydad isidlale imidlalo eyisishiyagalombili kwiligi, yanqoba emithathu, yadlala ngokulingana kwemibili, yashaywa kwemithathu.
Isendaweni yesishiyagalombili kwi-log ngamaphuzu angu-11. Isele ngayisithupha kwiBerkane esaqhwakele.
UMokwena nabadlali bakhe baphume ngesamagundwane enkundleni ngoMgqibelo, ngenxa yokuthi abalandeli bese bejikijela izinto. Bahlulwe yiqembu ebese lidlala ngabadlali abayishumi.
Esithangamini nabezindaba ngemva komdlalo, ucele abalandeli ukuthi behlise amaphaphu.
“Emaqenjini amakhulu kufanele uwine imidlalo. Indlela yokudlala engikholelwa kuyona ngeyami futhi ngizofa nayo. Ngiyakuqonda okulindelwe ngabalandeli beWydad kodwa sizofika lapho. Siyazi ukuthi iqembu kufanele lithuthuke kakhulu. Ngiyakholelwa kuleli qembu, ithimba labaqeqeshi nomsebenzi esiwenzayo,” kusho uMokwena.
“Akekho umqeqeshi ofika eqenjini eliqede endaweni yesithupha ngesizini edlule, elinabadlali abasha, ibhodi entsha nabasebenzi abasha, izinto zibe lula. Eqinisweni bengilindele ukuthi sithwale kanzima kunalokhu. Ngibona ukuthi iWydad iyiqale kahle isizini ngoba asisele kakhulu eqenjini elihamba phambili.”
UMokwena ulishintshe kakhulu iqembu selokhu efikile ngaphambi kokuqala kwesizini njengoba esayinise abadlali abangu-22, okubalwa kubona abake bagijima kwiMamelodi Sundowns u-Abdelmounaim Boutouil noCassius Mailula.
IWydad izothola ithuba lokuvuka izithathe uma isibhekene ne-FUS Rabat kolandelayo weligi ngeSonto ntambama. IRabat nayo isesimeni esifanayo neWydad njengoba isiqoqe amaphuzu angu-11 emidlalweni eyisishiyagalombili.
I-website yezemidlalo yaseMorocco, i-Kooora.com, ibike ukuthi umengameli weWydad, uHicham Ait Mena, usameseka uMokwena kodwa ingcindezi izokhuphuka uma leli qembu liqhubeka nokulahla amaphuzu. Ngesizini edlule, iWydad igcine ishintshe abaqeqeshi kwabe kwaba ikathathu.