Ukuzibekisela indawo kweqembu lesizwe labesilisa lekhilikithi emdlalweni wamanqamu we-ICC World Test Championship ngeke kulenze lizithele ngabandayo emdlalweni wesibili we-Test nePakistan, ngokusho kukakaputeni uTemba Bavuma.
AmaProteas azongena emdlalweni wesibili walolu chungechunge ozoqala ngoLwesihlanu ngo-10.30 ekuseni eNewlands Cricket Ground, eKapa, ehamba phambili ngo 1-0.
Iqembu lakuleli linqobe umdlalo wokuqala obuseSuperSport Park, eCenturion, ngamawikhethi amabili.
UBavuma uthe yize sebeqinisekisile ukuthi bazolwela isicoco se-World Test Championship eLord’s Cricket Ground, eLondon, ngoJuni, kusemqoka ukuthi balunqobe lolu chungechunge, baphinde balungise amaphutha abawenze emdlalweni wokuqala.
“Sisafuna ukunqoba uchungechunge. Nakuba sizibekisele indawo kowamanqamu, kunezinto esisafuna ukuzenza kangcono kulolu chungechunge. Sifuna ukulunqoba ngo 2-0 ngakho-ke sisazimisele futhi sinomfutho," kusho uBavuma.
"Yize siwunqobile umdlalo wokuqala kodwa siyazi ukuthi asidlalanga ezingeni lethu eliphezulu, ekushwibeni nasekubhetheni. Singathanda ukuzibona singcono kakhulu kulezo zinto."
AmaProteas enze izinguquko ezintathu eqenjini eliguqise iPakistan emdlalweni wokuqala. UKeshav Maharaj, Wiaan Mulder noKwena Maphaka bangene ezindaweni zikaDane Paterson, Tony de Zorzi noCorbin Bosch.
UMaphaka (18), oseke wadlala imidlalo yeT20 neye-One Day International kumaProteas, uzobe edlala umdlalo wakhe wokuqala weTest.
"UKwena uqokwe ngenxa yekhono lakhe. Besifuna ukuba nomunye umuntu oshwiba ngesivinini. Kuhle ukunikeza umdlali osemncane ithuba uma kusekhona okumqoka okudlalelwayo, kungabi sengathi kugcinwa icala,” uchaze kanje uBavuma.
"Nginesiqiniseko sokuthi ukubheke ngabomvu ukushwiba noKG (Kagiso Rabada) ezinsukwini ezinhlanu ezizayo. Akayikhombisi kakhulu imizwa kodwa ungumuntu ozethembayo. Ubonakala ewuqonda kakhulu umdlalo nezinto ezilindeleke kuyena ekubeni esemncane.”
INingizimu Afrika nePakistan sebedlale imidlalo engu-29 ye-Test. AmaProteas anqobe imidlalo engu-29, iPakistan yanqoba eyisithupha, kwathi eyisikhombisa yaphela zibambene.