Abaningi bayamangala uma ngithi ushukela uyingozi kangangokuba abaningi abantu bakithi sewabaphuca injabulo yokuba nabantwana.
Bengikhuluma enkonzweni ebiseNdlangubo, ngaphandle kwaseMpangeni, ngathi uma uthatha okwenziwa ushukela emzimbeni ukuqhathanisa nokwenziwa utshwala, noma ungathini, utshwala abuliboni elidlalayo.
Imisebenzi eyingozi kashukela iphuma lena ngamalengiso, ngikhuluma ngendlela ushukela nakho konke okunoshukela okuyingozi ngakho emizimbeni yethu.
Noma kunjalo abantu bakithi bayaqhubeka noshukela, izinkwa, nama-chips, iziphuzo ezihlohlozayo, ijusi, amakhekhe nakho konke okwenziwe ngofulawa, abantu bayaqhubeka nokudla izidlo ezithengwa ezitolo ezidayisa ukudla okubandisiwe okumele ukufudumeze, basaqhubeka nokudla kwasezitolo ezidayisa ukudla okusheshayo, siyaqhubeka nokudla olamthuthu, ama-braai pack, inyama ethoswayo neshiswayo, sidle inyama esibandisiwe yakhishwa i-fibre bafaka amakhemikhali bese bethi basishisela yona.
Sesiyojabula nathi sibambe olayini abade, olayini bokuyozikhunga, sizimbele imigodi. Kwenzenjani sizwe sakithi, yini sikhethe ukuziqobela ogodweni ngisho sesibona pho?
Namhlanje asikhulume ngalo shevu owushukela nakho konke ukudla okufakwe ushukela, sibukisane lapha sekubangela ukuthi abantwana bangatholakali. Isimo esibuhlungu lesi ngokuphindiwe, ikakhulukazi uma uzolokhu uya uphindaphinda bakutshele ukuthi konke kuhamba kahle, abayiboni inkinga. Kuhamba kahle kanjani ube wena inkinga ingamandla?
Uma uyisiguli usuke udinga okungenani uchazelwe kuthiwe nansi imbangela noma nakhu esicabangela ukuthi kungumsusa. Kulungile uma bezothi ngeke sikwazi ukukusiza kodwa hhayi kuthiwe konke kuhamba kahle, ngibe mina nginenkinga engaka?
Ngeshwa abantu abaningi kuba yiyona mpendulo abayitholayo, abanye sebaphila nayo le mpendulo yaze yaba umngani wabo. Yisimo esinjena esenza ukuthi ngihlushwe umxhwele othi akulungile uma kuzoba nje. Kwesinye isikhathi basuke bengakuphumulisanga abasemzini besina bezibethela kuwe okanye nje nawe usuhlushwa ngunembeza ozothi “mina...kanjani nje?
Imbangela enganakiwe ekungatholini abantwana kungaba ngowesifazane noma owesilisa, wukuhluleka okanye ukuzabalaza okudlulele kwenhlayiyana ebizwa ngokuthi yi-homorne, ukungenisa ngaphakathi esibayeni sakhona izingcwecwana zikashukela. (Siyazibona izinkinga zikashukela nokunoshukela kungaba noma yini).
Lokhu kuholela ekutheni inhlayiyana esithe yi-homorne, igcwale ezindaweni ezahlukene bese idala ukugula. Ezinye zezindawo ezigxishelana kuyo inhlayiyana, isidleke esipheka amaqanda kowesifazane. Inhlayiyana ifike yenyuse ukukhiqizwa kwenye yezinhlayiyana eziyimbewu yesilisa. Imbewu yesilisa izokusondeza esiliseni yingakho abanye besifazane abangabatholi abantwana ubuso buba neziboya zabesilisa, izwi lishintshe libe yisihosho, kumile ihwanqa nezinye iziboya, kwande izinduna ezinenkani ebusweni.
Ngifisa ukugcizelela ukuthi akuyena wonke umuntu onengqinamba yokungabatholi abantwana abazoba nalezi zimpawu futhi azibikhona zonke ngesikhathi esisodwa. Isifo lesi sibizwa ngokuthi yi-PCOS (Polycystic Ovarian Syndrome).
Kubalulekile ukuthi sikhumbuzane ukuthi uma ungabatholi abantwana, sewuphuma wangena isikhathi, hamba uye kudokotela ozokusebenza ngokuvulelekile, akuhlolisise, hhayi umuntu ozovele agijimele ukukuthatha lawo magazi ekugcineni ungasizakali.
Abantu bakithi abafunde ukuyilwela into abayifunayo, odokotela bangabantu bangaba sephutheni.
Kwabesilisa kubona kuba kabili; ukwenyuka kwenhlayiyana egazini nayo ebangwa ukudla okusashukela kakhulu nawo uqobo ushukela, kudala imbewu yesilisa ingaqini okanye imbewu ibe ncane ngamanani, ingabi nayo imisila kokunye ingabi nawo amakhanda. Le mbewu ayifiki ndawo futhi ngeke ikwazi ukuchamselisa iqanda lesifazane.
Okwesibili; lezi nhlayiyana ziyasuka ziyovala imithambo ezohamba igazi eliya endukwini bese induku ingavuki kokunye iwele phakathi kowesifazane, ihluleke ukuqhubeka. Asikhumbule ukuthi induku ivuswa yigazi elingena endukwini bese iyaqina.
Ngiyafisa sisekulesi sihloko sikhumbuzane ngenye yezimbangela yokungabatholi abantwana, yona ebangwa yikhemikhali lena okuliwa ngayo ukhula ezitshalweni. Igama layo kuthiwa yi-Glyphosate. Le khemikhali igcina ingene emizimbeni yethu ijikeleze ngaphakathi. Ngendlela eyingozi ngayo igcina idale owesifazane nowesilisa angasazitholi izingane.
Okubi ukuthi abalimi emazweni amaningi esihwebelana nawo kanti nathi uqobo siyayisebenzisa le khemikhali elwa nokhula. Ekugcineni uma sidla izinto ezithengwayo, siyayithola. Isisombululo: masidle esizitshalele khona.
Mpilonde!