NGIFUNA ukukhuluma ngolimi lwesimanje oluzoyiqeda nya indaba yokusebenzisa ongwaqa nonkamisa nxashana siloba kwezokuxhumana.
Lapha ngikhuluma ngalo chithi saka obizwa ngama-emoji. Kwabangawazi ama-emoji, yilezi yizimpawana ezizishaya samfanekiso oveza umuzwa othizeni womuntu noma isimo okanye umlayezo ngokuthile. Isibonelo nje, kunomdwebo wezindetshana ezibomvu zomuntu engikholelwa wukuthi uluphawu lokuthi "ngithi manqa" kuwe wena engisuke ngikuthumelela leyo emoji.
Kokunye kuba luphawana oluyinhliziyo ebomvu nengicabanga ukuthi isho uthando. Kukhona-ke nezinhlobonhlobo zobuso njengobuso obunomanya olupendwe lwabomvana ezihlathini okuveza ukuthi ngiyamamatheka ngalokho okushoyo noma engikushoyo. Bubodwa obunye ubuso obudwetshwe buhleka buze buqethuke, obunye buhleka kuze kuphume izinyembezi, obunye buyakunkonkozela. Uyabona-ke nawe ukuthi kuthiwani lapho.
Kunezinkulungwane ngezinkulungane zalolu hlobo lokukhuluma osekubeke engcupheni indawo yongwaqa nonkamisa empilweni yokuxhumana kwabantu.
Enjalo nje la ma-emoji ansondo anayo yonke inhlobo nezindlela zokudlulisa umlayezo. Futhi la ma-emoji ayizaga zesimanje, angaba yizisho kanti-ke ayachichima ngayo yonke inhlobo yezifengqo. Umuntu angakubhinqa, ahlekise ngawe, agcwaneke akwenekele izwe ungabonanga.
Angilazi leli gama lama-emoji lisukaphi kodwa ngake ngacosha kuthiwa ngokomthetho liyisiJaphani, lapho lichaza okusasithombe. Kodwa uyabona nokho ukuthi umsunguli wama-emoji wayeyicabangile le ndaba ngoba cishe usungabhala umlayezo uwuqede ngawo ama-emoji belu?
Kungithathe isithutshana nokho ukuba ngiwejwayele futhi ngiwamukele ama-emoji. Empeleni ekufikeni kwawo ngangingayinambithisisi le ndlela yokuxhumana. Yebo, kungaba nezindawana lapho isebenziseka njengoba kwakwenziwa endulo nxashana kuphuma ucu ekuqomisaneni, nangesikhathi semilayezo ecashiswe kuswidi owawubizwa ngo-Zulu Motto.
Bheka nje nalaphaya eGoma, e-DRC, lapho izihonga ze-M23 zidla amagalane kube nesikhawu lapho kuphephezeliswe iduku elimhlophe njengendlela yokukhuluma ungathanga vu noma ungabhalanga ncwadi. Nakho lokho kusengolunye uhlobo lokuthi ulimi isi-emoji lesi singasebenza, ikakhulu lapho kunzima ukuphimisa inkulumo.
Namuhla-ke ngifuna ukufaka isicelo esisemthethweni sokuthi kulezi zilimi esizikhulumayo esezingu-12 kuleli kumele kube nendlela yokuthi zengezwe kufakwe ulimi lwama-emoji ukuze nasemiqulwini yemithetho lwamukelwe. Futhi ngizothi kalufundwe nasezikoleni ngoba vele o-coco melon no-peppa pig no-woolfool sebelufakile ezinganeni zethu. Aziluxwayi.
Inkinga, nokungaba yisizathu sokuthi ngexwayise ngomonakalo ongadalwa ulimi lwama-emoji, ngiqala ukuyinaka sengiwasebenzisa uma ngingenawo umdlandla wokuphendula okushiwo umuntu. Kokunye ngiwasebenzisa njengendlela yokumziba umuntu, ngokuthi ngivele ngiphanyeke ubuso obumamathekayo noma isithupha esimisiwe esikhomba ukuthi "shabhu".
Ngingakawejwayeli ama-emoji ansondo lawa ngangikholelwa ukuthi asengifake ezintweni uma ngiphendula ngawo, kokunye ngize ngithumele inhliziyo ebomvu nasemlayezweni womsebenzi ngenxa yamawala okujaha izinto. Kodwa kuhambe kwahamba, ngafunda ukuthi lezi zithohlongwana zobuso zingasebenziseka uma ngenqena ukukhuluma ngale milayezo yomqhafazo. Noma ufuna ukuziba lowo okuthumelela umqhafazo, uyakwazi ukuthola i-emoji engatheni umphendule ngayo.
Okusele manje ukuthi kwande ama-emoji ayisiZulu ngoba iningi lalawa akhona anokuba yisilungwana. Uyabona nje iyadingeka i-emoji yomshiza noma eyimolontshisi engaba umlayezo othi "ngizokushaya njalo wena". Neyihawu i-emoji ingaveza ukuthi ngivikile ubuthi uyagadla. Mhlawumbe eyimbokodwe emnyama engachaza ukuthakatha. Kokunye kube umdwetshana womuntu ehlakula engaba yinkomba yokuthi "ngisebhizi okwamanje". Iyandingeka ne-emoji eyisiZulu yendojeyana egiyayo ekhomba ukujabula noma ukuhlabana nesamfanekiso wowesifazane ekikiza.
Singaba nje futhi nophawana esiZulwini lwendojeyana iqhuba izimeshe okungasho ukuthi "ngizokulobola ngikwenze umkami". Okukanye umdwebo wembuzi esho ukuthi "sihlabile lapha ekhaya".
Engikushoyo ukuthi asingadlali abaseNtshonalanga, asenze okwethu nathi kuyo le technology asebeyiqambile. Asiyifunze okwakithi ukuze ingabi eyesilungu sodwa.
Okuhlupha thina bendlu yohlanga ukuthi lobu buchwepheshe bufika bese sibuphendula inkundla yokucekela phansi ubuthina. Kuyamangaza nje ukuthi izinkundla zokuxhumana lezi sezaba yisishozi lapha sidelelana khona, sethuka inhlamba nathi esingafisi ibonwe yizingane zethu.
Ngiye ngize ngisho ukuthi uma ufuna izifundo ezisheshayo zenhlamba yesiZulu, ngena ku-Facebook, TikTok nakwezinye izinkundla zokuxhumana, kungaphela iviki usuyikazela ngejazi elibomvu ngenhlamba yesiZulu.
Nokho-ke bengilapha kuma-emoji bakwethu engibona ukuthi adla lubi ngale ndlela yokuthi ngokuhamba kwesikhathi azokwemukeleka njengolimi lokusetshenziswa nakwezamabhizinisi, ngiyihlanganise nje i-proposal ethe mikithi kodwa ithakwe ngama-emoji. Ngiyawavuma mina.