UKUBEKA phambili ubuchwepheshe besimanje kukho konke abakwenzayo uma becija abafundi baka-matric, ngenye yezinto ezisebenzele abenhlangano engenzi nzuzo Imbeleko Foundation, esiza abafundi abawu-23 abebenza ibanga lokugcina nyakenye ibalekelela ngokubacija ezifundweni ezaziwa ngokuba lukhuni.
Inhloko yalolu hlelo kule nhlangano, uNksz Sthembile Cele, ithe sekuphele iminyaka emihlanu benza lolu hlelo olusiza izingane zika-matric ngolwazi oluzokwenza ziphase kahle ezifundweni okukhona kuzona iMathematics, Physical Science na-Accounting.
“Siyaye sihlonze abafundi bezikole ezahlukene ezakhele indawo yaKwaNyuswa, sibalekele ukwenza kahle kulezi zifundo, esibona kuthela izithelo ezinhle nezibonakalayo njengoba kwenzekile ngonyaka odlule, baphasa bonke laba bafundi ebesibafundisa, okwenza sibone ukuthi kukhona esikwenza kahle,” usho kanje.
Eqhuba, uthe nyakenye kulaba bafundi abawu-23 ababasizile ngabebefunda ezikoleni ezinhlanu zaKwaNyuswa; iMaqhutshana High, Siyajabula High, Thabela High, KwaNtebeni Comprehensive High neMnyameni Zenex High.
Uthe: “Lokhu kube kuhle kithina futhi kwenza banda abazali abasithintayo, befuna ukuzwa ukuthi bengenza kanjani ukuze izingane zabo zisizakale kulolu hlelo. Kumanje sesiqale senza indlela yokuthi kwande isibalo sabafundi abazosizakala kulona, ikakhulu ngoba asigcini ngokubafundisa kuphela, kepha sibasiza nangokuthi bathole ulwazi namacebo okukhetha imikhakha yemisebenzi abazoyifundela uma sebephothule u-matric, okuba wusizo kwabanye abafundi abasuke bengazi ukuthi bazofundela ini.”
Imbeleko Foundation isineminyaka ewu-14 yasungulwa. Yasungulwa wuNksz Sbusisiwe Myeni newele lakhe elingasekho emhlabeni uDkt Seni Myeni. Inezinhlelo ezahlukene zokufunda abafundi bezikole ezahlukene kusuka emabangeni aphansi kuya phezulu, ukusiza ukuthi babe nekusasa lemfundo eliqhakazile empilweni.