OHAMBWENI esikulo lokwelapha sisiza abagulayo ngezifo ezihlukahlukene, kumele uzibuze ukuthi kanti bengenzani sonke lesi sikhathi uma abantu bakithi beqhubeka behamba emhlabeni ngalolu hlobo?
Nsuku zonke kukhona abadliwa izinhlungu. Kwabanye sekunzima nokunyakazisa umzimba ngenxa yezinhlungu ezisuka phezulu entanyeni, emahlombe ziye ezinyaweni nhlangothi zombili.
Ezifweni zonke ezweni lethu isifo sikashukela siqengqeleza phambili ngokukhubaza abantu bakithi ngezinhlungu, abanye abasaboni emehlweni, abanye sebehamba ngezihlalo ezinamasondo ngenxa yamadolo nezinyawo ezivuvukele - ziyatshutshumba ngapha nangapha.
Abanye bayaphalaza uma befake ukudla emlonyeni kulo mphimbo ogwaza uma kukhona okwehla ngawo, kukhona abaqunjelwayo kube nokusindayo kuyothi ngci esifubeni kungaphefumuleki. Kuqaqamba amakhanda, iphunga eliqhamuka emlonyeni linuka njengomantshu sewesaba nokusondela ebantwini. Uma uya kwabezempilo bazobeka kube sengathi uyahluleka ukuhlanza umlomo wakho, umdala kangaka?
Uma sikhuluma iqiniso iningi labantu abesibafihla kule mpelasonto esisuka kuyo, nakulena ezayo nezolandela lihambe emhlabeni ngenxa yesifo sikashukela nemithelela yaso. Babodwa abanqanyulwa imilenze, noma angithi nje izitho zomzimba ngenxa yokuhluleka komzimba ukusabalalisa igazi emzimbeni ngokwanele.
Emazweni athuthukile kuzo zonke izifo bayakwazi ukukunikeza izibalo zabashonayo ngenxa yezifo ezingamahlalakhona, futhi bayakwazi nokuhlola ukufa kwabantu babo baze bakunikeze nezinombolo zalabo imbangela yokufa kwabo okungamaphilisi abawadlayo ezifo ezingamahlalakhona.
Empeleni babeka imishanguzo yezifo ezingamahlalakhona endaweni yesithathu ohlwini lwezinto ezibhuqabhuqa izizwe zabo. Uma ezweni elifana ne-USA bethola ukuthi imbangela yokufa kwabantu yimishanguzo yezifo ezingamahlalakhona, ake uzibuze ukuthi emazweni afana nelethu ngabe le mishanguzo esiyinikeza abantu zithini izibalo zabantu abafa ngenxa yayo?
Ungakafiki ekufeni; ngabe umthelela wokuguliswa yila maphilisi nemijovo izinhlungu okuzo, ukuvaleka amehlo, ukufa kwezinso, ukuhlala ukhathele njalo sengathi ungahlala ulele ungakubeka kuyiphi inombolo?
Enye yezinto eshayayo kuleli zwe lethu ukungabi bikho kwezibalo ngokwezifo ezichazayo ukuthi sinabantu abangaka abanezifo ezingamahlalakhona enhliziyo, kashukela, kwesokuwa, ezifweni ezithinta ukusebenza komqondo, umdlavuza, njalonjalo.
Azikho izibalo ezisinikeza umqondo wokuthi isimo sibi kangakanani? Selokhu ngaqala ukuvula amehlo bekulokhu kuthiwa i-TB ehamba phambili ngokubulala abantu, kodwa uma ngibheka njengomsebenzi wezempilo akusenjalo. Isifo sikashukela yisona esihamba phambili ngokubulala abantu ezifweni ezingamahlalakhona.
Uma uhlanganisa ukuthi umuntu odla imishanguzo yesifo sikashukela ngokujwayelekile usuke edla neminye imishanguzo elwa nezinye izifo: ake sithi usuyahlanganisa lezi zinhlobonhlobo zemishanguzo nokuthi ucwaningo kwamanye amazwe lusitshela ukuthi imishanguzo iyodwa iyimbangela ebabazekayo yokufa kwabantu, zibuze ukuthi ungakanani umonakalo odaleka lapho.
Yingakho sisho ngezwi elilodwa sithi isifo sikashukela siyelapheka, woza uzosizwa uphume emaphilisini nasemijoveni. Kuthatha izinsuku eziyisishiyagalolunye uma udla amaphilisi wodwa, ziqale eshumini uma kungukuthi bese ujova i-insulin.
Okuyiqiniso ukuthi:
– Isifo sikashukela siyawubulala umzimba, senza ube buhlungu wonkana.
– Isifo sikashukela senza izilonda emzimbeni ongagcina unqanyulwe imilenze okanye leyo ngxenye esithintekile.
– Isifo sikashukela singakushiya uyinkubela ngenxa yezilonda eziphihlika zingalawuleki.
– Imishanguzo yesifo sikashukela idala izifo ngokubulala iphihliphihlize ingxenye yezakhi okuthiwa yi-mitochondria. Ukulimala kwale mitochondria kushiya umzimba ukhathele, utubekile, kuphinde kukhiqizeke abanye oshevu abazolokhu bephihliphihliza umzimba kwezinye izindawo. Lezi ngezinye zezizathu ezenza sihlale siphuza neziphuzo okuthiwa zikunika amandla (energy drinks), empeleni zibe ziqhubeka zicekela phansi imizimba yethu.
– Ingxenye enkulu yabantu abanalesi sifo sikashukela ayisaboni emehlweni ngenxa yezinkinga zikashukela ogcwala egazini bese uyonamathela emehlweni kudaleke umdlavuza wamehlo, isifo i-glaucoma kanye nongwengwezi oluvala ukubona kuze kugcine sekudingeka ukuthi uyokwengulwa. Konke lokhu kubangwa ukwanda kwe-glucose egazini.
– I-fructose idala ukuphazamiseka emqondweni, lokhu esikubiza ngokuthi yi-dementia. Lesi yisifo esibuhlungu esenza uzikhohlwe ukhulume wedwa, ukhohlwe amagama ezingane zakho nawo wonke umuntu obumazi phambilini.
Ngeke ngibe nawo amagama okugcizelela ukubaluleka kokuthi isifo sikashukela i-type 2 diabetes siyelapheka siphele. Kumele sikulalise esibhedlela sethu izinsuku eziyishumi, bese sikuhlanza isibindi, usinyaka kanye nobende.
Okwakho ukuqinisekisa ukuthi emuva kokulaliswa awuphinde udle ukudla okuzobulala umzimba kuphinde kukubuyisele esifweni sikashukela. Esibhedlela ukhishwa usufundisiwe ngokudla okukulungele nokungakulungele.
Mpilonde!