ONGOTI bezempilo bakhuthaza abantu ukuba bahlehlele utshwala njengoba ilanga lishisa likhipha umkhovu etsheni. Bathi ijiki lingabeka impilo engcupheni, ngakho bakhuthaza ukuthi kuphuzwe kakhulu amanzi.
Bathi utshwala bungaholela ekutheni umuntu achame njalo okusho ukulahleka koketshezi olubalulekile emzimbeni.
Ukushisa kudala ukuthi abantu bajuluke, ngakho uma bezojuluka baphinde bachame njalo bangaba sengozini yokungabi nawo amanzi emizimbeni. Esikhundleni sotshwala kudingeka ukuba kuphuzwe amanzi.
Kuthiwa uma abantu bengazizwa kahle benesiyezi okanye bezwa kwenzeka okungajwayelekile emizimbeni yabo mabafune usizo lwezempilo ngokuphazima kweso.