ZIHLULEKILE ezinye izikhungo zokuvota ukuthi zivule ngesikhathi Zibalelwa ngaphezu kweziwu-20 izikhungo zaKwaZulu-Natal, ezivule sesidlulile isikhathi.
Lokhu kudalulwe nguMnuz Masego Sheburi, iphini lesikhulu esiphezulu seKhomishini yezoKhetho, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngokuthi luqale kanjani usuku lokuvota.
USheburi uthe e-Eastern Cape, zinhlanu izikhungo zokuvota eziphuzile ukuvulwa ngenxa yemibhikisho yomphakathi.
“EThekwini zingu-20 izikhungo eziphuzile ukuvulwa ngenxa yemibhikisho yomphakathi. Kube nokubambezeleka kwezinye izikhungo ngenxa yokuthi amaphoyisa abengekho ukuphelezela abasebenzi bekhomishini ukuhambisa izinsiza zokuvota.”
Ubale izindawo ezehlukene okubalwa eThekwini, uThukela, Mtubatuba, Ugu, uMbumbe naseBuhlebezwe lapho bekulindeke ukuthi amaphoyisa aphelezele abasebenzi.
“Isikhungo esigcine ukuvulwa isikole iLenkasi Secondary, eMuziwabantu esivulwe ngo-10 ekuseni ngoba sekungenelele imeya. Izikhungo ezimbili eNewcastle, zivulwe emuva kwehora kanti bezivalwe abanye babaholi bamaqembu ezombusazwe. EShowe kube esifanayo ngenxa yokuthi i-Area Manager ivinjwe ngabamaqembu ezepolitiki ngakho akangakwazi ukungena lapho kugcinwa khona izinsiza. Kudingeke ukuthi kubizwe amaphoyisa ukuzolungisa isimo.”
USheburi ubalule ukuthi ukungasebenzi kwemishini yokubheka abazovota akumele kuphazamise ukhetho.
Ugcizelele ukuthi bonke okuzoshaya isikhathi sokuvala ngo-9 ebusuku, bazovotiswa uma kuvalwe beme kulayini.
Usihlalo wekhomishini uMnuz Mosotho Moepya, unxuse abaholi bamaqembu ukuthi kungabi ibona abaphazamisa ukhetho.