IYAQONGA ingcindezi kuNgqongoshe wezoBulungiswa, uNksz Thembi Simelane, ukuba ehle esikhundleni njengoba isiphenduke iphela endlebeni eyokuthola kwakhe izishaqane zemali enkampanini eyahlomula enkohlakalweni eyaguqisa ibhange iVBS.
UNksz Simelane uvulelwe icala emaphoyiseni, izolo. Isinqumo ngekusasa lakhe kulindeleke ukuthi sithathwe emhlanganweni olandelayo wesigungu esiphezulu kwi-ANC.
Ngeledlule uNksz Simelane uvele phambi kwekomiti lezobuqotho kwi-ANC, lapho echaze khona ngalezi zishaqane azithola ngesikhathi eseyimeya kuMasipala wasePolokwane.
UNksz Simelane wathola imali engu-R575 600 enkampanini iGundo Wealth Solution, okuyinkampani okuthiwa yaba nesandla ekutheni uMasipala wasePolokwane utshale imali eVBS ngesikhathi kusaphethe uNksz Simelane.
NgokukaNksz Simelane, le mali wayeyitshelekile.
I-ActionSA imvulele icala lokwehluleka ukugwema inkohlakalo.
Icala livulwe esiteshini samaphoyisa, ePolokwane.
Ohola i-ActionSA ePhalamende, uMnuz Athol Trollip, uthe banqume ukuvulela uNksz Simelane icala emva kwezinsolo zokuthi wakokotela isivumelwano sokuboleka imali kwiGundo.
“Ngesikhathi evele phambi kwekomiti lasePhalamende elibhekelele ukusebenza komnyango, wanqaba ukusinikeza isivumelwano sokuboleka imali. Manje sekuvela izinsolo zokuthi isivumelwano sasayinwa emva kokuthi imali eseyibolekile ukuze kubukeke sengathi le nto ababeyenza yayisemthethweni.”
UTrollip uthe banqume ukuvula icala emaphoyiseni ngenxa yokuthi kubukeka sengathi uMengameli Cyril Ramaphosa, uSomlomo wePhalamende, uNkk Thoko Didiza, noMvikeli woMphakathi, u-Advocate Kholeka Gcaleka, bahudula izinyawo ngokuthathela uNksz Simelane izinyathelo ezifanele.
“Ngenxa yobucayi bezinsolo uNksz Simelane abekwa zona kanye nomthelela omubi ongaba khona uma eqhubeka nokuhlala esikhundleni, sibona kufanele athathelwe izinyathelo. Sinxusa uRamaphosa ukuba amise uNksz Simelane kuze kuphothulwe noma iluphi uphenyo ngaye. Siphinde sicele naye uNksz Simelane ukuba ashenxe esikhundleni ukuvikela isithunzi sehhovisi aliphethe.”
I-ANC ibingakasithathi isinqumo ngekusasa likaNksz Simelane.
Umhlangano wesigungu esiphezulu ozokuba kule nyanga kulindeleke ukuthi ubhunge ngombiko wekomiti lezobuqotho eliphakamisa ukuthi abashenxe noma cha abaholi be-ANC abasolwa ngenkohlakalo.