SEZITHELEKILE KwaZulu-Natal izintokazi nezinsizwa ezizobanga isicoco seNdoni Mr and Miss Cultural South Africa e-ICC eThekwini ngoDisemba 16. Lezi zintokazi nezinsizwa ezamenyezelwa eLimpopo, zigcinwe kwelinye lamahhotela eRichmond ngaseMgungundlovu. Owengamele ezokuxhumana uMnuz Themba Mthembu, uthe seziqalile nezinye izinhlelo zokuzilungiselela lapho becijwa khona ngolwazi ngamasiko ehlukene njengoba kuhlangene izinhlanga eziqhamuka ezizweni ezingafani. “Sebeqalile bayazilolonga bazoba nezingxoxo ezakhayo ezibalungiselela lolu suku nokuzokwenzeka emuva komcimbi. UDkt Mthembu usondelene kakhulu nabo ukuqinisekisa ukuthi bonke balulungele lolu suku,” kusho uMthembu.
AmaMpondo amelwe uTobelani Ntlanyana noSmangele Tikana, amaSwati uLungelo Zikalala noSihle Mdluli. AbaPedi bamelwe uMagau Monyela noNchabeleng Ntsweletau, KwaXhosa bamelwe uMikhaya Tshetu noYenzokuhle Busakwe. AbeSuthu bamelwe uLet Lotto Mofokeng noFokosi Mathetsuoa, AmaVenda amelwe uMfaki Keabetswe noMonyai Refilwe, abaThembu uNtando Desemela no-Andisiwe Vingqi, amaTsonga amelwe uRhulani Makaringe noWendy Mabunda bese kwaNdebele bamelwe uSiyabonga kabani noZinhle Motha. AmaZulu amelwe uSbongakonke Mnyandu noSmangele Mngoma.
UMthembu uthe uDkt Nomcebo Mthembu uzihlangabezile lezi zintombi nezintokazi nezinsizwa. Leli phephandaba ngokubambisana neNdoni lizohlomulisa abafundi abayishumi ngamathikithi amabili umuntu emunye. Ukuhlomula thumela isms ethi Iso-Indoni ku-33258, umncintiswano uzovalwa ngo-10 ekuseni ngoLwesine kanti isms ibiza u-R1,50 ngayinye.
Ngaphambi komcimbi omkhulu ngoDisemba 16 kuzoqale kundlalele umcimbi wezindondo okuzohlonishwa kuwo nenkakha yezemisakazo engasekho emhlabeni uBhodloza Nzimande. Esitatimendeni uDkt Mthembu uchaze uNzimande njengomuntu owaqhakambisa amasiko esintu ahlukene.
NgoDisemba 17 izinsizwa nezintokazi zizogcwala idolobha eRichmond ziviliyela zikhuthaza nentsha ngokuziphatha. Ngesonto eledlule beziviliyela eThekwini zikhuza isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.