KUQHAKANJISWA izilimi zendabuko njalo ngoNhlolanja kanti nonyaka ziningi izinhlelo ezenziwa yizinhlaka ezehlukene ukuzithuthukisa.
UFebhuwari 21, usetshenziswa ngamazwe ahlukene njengosuku lkuqhakambisa izilimi zendabuko zezinhlanga ezehlukene futhi ugunyazwe yi-Unesco's Decade of Indigenous Langauges.
Inhlangano eyegamele ukulondolozwa nokucwaninga ngezilimi zendabuko ezehlukene i-Ancestral Voices (Amazwi oKhokho), ihlela ukwethula izinhlelo zayo emphakathini.
Phakathi kwezinhloso eziseqhulwini futhi ezizothuthukiswa yi-Ancestral Voices kubalwa lezi;
Ukugqugquzela ukuthi kube yimpoqo ukusetshenziswa kwezichazamazwi zolimi olulodwa noma ezihlanganisa izilimi ezimbili noma ngaphezulu ezikoleni, ezikhungweni zemfundo ephakeme nasezindaweni zemitapo yolwazi. Bathi lokhu kwaphakanyiswa emqulwini wePhalamende ngo-Okthoba 24, 2017.
Okokuqala emlandweni wokulondolozwa kwezilimi, i-Ancestral Voices, izoqikelela ukuthi izinto ezifundwa ngezilimi zendabuko zihambisana nokwakheka kwamagama nokuphinyiswa kwawo ngendlela efanele.
I-Ancestral Voices wuhlaka olubhekela izilimi zendabuko ngokuthi iqoqe futhi igcine izincwadi, amabhuku, nolwazi olwalotshwa kudala ingakabibikho impicuzeko ngenhloso yokuvikela intuthuko yazo.
Yasungulwa ngokubambisana phakathi kweSouth African Heritage Publishers, uphiko olugcina ulwazi olukhethekile eNyuvesi yasePitoli, iSouth African National Lexicography Units, iSouth African High Commission engaphansi kwe-United Kingdom, neNorthern Ireland.
Ngokocwaningo lweMazwi oKhokho, kutholakala ukuthi kunezincwadi ezalotshwa eminyakeni yawo-1920-1960, ngaphambi kokuthi izilimi zase-Afrika, okuyisiSwati nesiNdebele, zilotshwe phansi. Kunababhali ababalelwa ku-186 abazinikele ngokucobelelana ngolwazi, baloba phansi konke abakwaziyo ngezilimi zendabuko, ngenhloso yokwengeza ngolwazi oluthile.
Ngokocwaningo olwenziwe ngabaMazwi oKhokho, kutholakale ukuthi kunababhali abazalwa ngo-1852 kanti omncane wazalwa ngo-1918.
Kumanje bahlela ukunxenxa uhulumeni ukuthi ahloniphe abantu ababaneqhaza elithile ekubhalweni komlando wezilimi zebele. Kunemiqingo yezilimi eziyisithupha etholakalayo okubalwa nokuhunyushwe ngesingisi nokunye.
Uma udinga olunye ulwazi ungabheka kwi-www.saheritagepublishers.co.za/ancestral-voices
Facebook: https://bit.ly/3Neqiur; twitter https://bit.ly/3leRBZE