BALALE bebaliwe abasebenzi bakuMasipala waseMsunduzi ababanjwe oqotsheni beba upethroli womkhandlu.
Abasebenzi ababili bomkhandlu bazithele phezu kukanoxhaka ngoLwesihlanu, ngesikhathi bethulula izigubhu zikapethroli elolini lomkhandlu, bezifaka evenini okungesilona elomkhandlu.
Laba basebenzi baboshwe nabanye abasolwa abathathu abangasebenzeli umasipala.
Oyedwa umsebenzi uqashwe wumasipala ngokugcwele, omunye uyitoho.
Kuthiwa laba basebenzi bese bekwenze kwayinto yabo ukuntshontsha upethroli njalo ngoLwesihlanu, kuthiwa ababuzanga elangeni ngoLwesihlanu olwedlule, njengoba bebecushelwe unoxhaka.
Imenenja kamasipala ebabambile, uNkk Nelisiwe Ngcobo, ithe bese kunezinyanga bephenya ngokusetshenziswa ngokweqile kukapethroli.
UNkk Ngcobo uthe njalo ngoLwesihlanu, abasolwa bebethatha inqwaba kapethroli, bethi uzosetshenziswa ezimotweni zomkhandlu.
UNkk Ngcobo uthe ithimba elihlanganisa izinhlaka zezokuphepha ezahlukene libe selinquma ukucuphela abasolwa umgogo.
“Uphiko lwezokuphenya lwangaphakathi eMsunduzi lukwazile ukulandela iloli ebihamba abasolwa. Abophiko lwezokuphenya bafice iloli limile e-Edendale. Abasolwa bebematasa behlisa izigubhu zikapethroli elolini, bezifaka evenini.”
UNkk Ngcobo uthe baphinde bamisa abasebenzi bomkhandlu abathathu njengoba kusaqhubeka uphenyo ngokuntshontshwa kophethroli womkhandlu.
“Abasebenzi abathathu bamisiwe kuze kube kuphothulwa uphenyo. Inhloso yophenyo ukuthola ukuthi ngabe wande kangakanani umkhuba wokwebiwa kopethroli. Sifuna ukuthola bonke abathintekayo kulo mkhuba siphinde sithole ubufakazi obanele esingakwazi ukubusebenzisa ezinkantolo uma sesivulela abathintekayo amacala okweba.”
UNkk Ngcobo uthe bazothathelwa izinyathelo bonke abathinteka enkohlakalweni.
“Sifuna ukuthumela umyalezo oqinile kubasebenzi bethu nomphakathi wonkana, wokuthi akekho umuntu ongaphezu komthetho. Umasipala uyaqhubeka nokulwa nenkohlakalo, ukukhwabanisa nazo zonke izinto eziphambene nomthetho ezenzekayo.”
UNkk Ngcobo uthe izenzo zenkohlakalo nokukhwabanisa ziphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo.
“Ukuntshontshwa nokucekelwa phansi kwempahla yomkhandlu kuphazamisa ukusebenza komkhandlu, kwenza ukuthi umkhandlu ungakwazi ukuhambisa izidingo ngokushesha. Ingakho sinxusa amalungu omphakathi ukuba abe yizindlebe namehlo ethu. Sinxusa amalungu omphakathi ukuthi abike uma ebona izinto eziphambene nomthetho.”
Okhulumela amaphoyisa eKZN uColonel Robert Netshuinda, uthe amaphoyisa abophe abasolwa abahlanu bavela enkantolo ngoLwesihlanu.