I-MK imunyunga eyokuzishushisela mathupha uMengameli Cyril Ramaphosa, ngecala lokwebiwa kwezishaqane zamaDola aseMelika epulazini lakhe, iPhala Phala.
Inhlangano yezokushushisa, iNational Prosecuting Authority (NPA), isanda kuthatha isinqumo sokungamshushisi uRamaphosa, ikhala ngokuthi mancane amathuba okuthi ashushiswe ngempumelelo.
USotswebhu we-MK ePhalamende, uMnuz Mzwanele Manyi, ubuze abe-NPA ukuthi bazosikhipha yini isitifiketi esishoyo ukuthi ayizukumshushisa uRamaphosa?
UManyi ubekhuluma ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wekomiti lasePhalamende elibhekelele ukusebenza koMnyango wezoBulungiswa.
Ukukhishwa kwesitifiketi kuzonikeza i-MK ithuba lokuthi izishushisele uRamaphosa.
URamaphosa wavulelwa icala ngowayengumphathi wezinhloli, uMnuz Arthur Fraser, owayemsola ngokungawabikeli amaphoyisa ngokuntshontshwa kwemali ewu-$580 000 (R10 million) eyantshontshwa ngo-2020.
Ngeledlule i-NPA ithe ubufakazi bukaFraser abubambeki.
Ekhuluma emhlanganweni wangoLwesihlanu, uManyi ugxeke isinqumo se-NPA sokunqaba ukushushisa uRamaphosa, wacela i-NPA ukuba ikhiphe isitifiketi ngokushesha khona uRamaphosa ezoshushiswa eceleni.
Inhloko ye-NPA, u-Advocate Shamila Batohi, ithe loyo ofuna isitifiketi sokuthi i-NPA angeke imshushise uRamaphosa kufanele afake isicelo esisemthethweni.
U-Advocate Batohi ube esekhipha isexwayiso esishubile.
“Lesi simo siveza obala ubungozi bokuzishushisela mathupha. Kufanele senze isiqiniseko sokuthi kunemithetho evimba ukuthi abantu bangasebenzisi indaba yokuzishushisela mathupha ukulwa izimpi zabo. Njengathi nje siyi-NPA, kunemithetho esisebenza ngaphansi kwayo.”
Isinqumo se-NPA sokungashushisi uRamaphosa sigxekwe amaqembu ezepolitiki amaningi.
Umholi we-DA, uMnuz John Steenhuisen, uthe bafuna impendulo egcwele kwi-NPA ngalolu daba, wathi bafuna ukuthi i-NPA ibizelwe phambi kwekomiti lasePhalamende izochaza ngesinqumo sayo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngoLwesihlanu.
“Isinqumo esinjengalesi kufanele sichazwe kahle ngoba sithinta abantu abasezikhundleni eziphezulu.”
Udaba lwasePhala Phala luyaqhubeka nokuba iphela endlebeni kuRamaphosa.
Umholi we-MK ePhalamende, uDkt John Hlophe, uveze ukuthi uzombuza uRamaphosa ngalolu daba uma esephendula imibuzo ePhalamende ngoLwesine.
Ngenyanga ezayo kuzongena icala elifakwe yi-EFF eNkantolo yoMthethosisekelo.
I-EFF ifuna kuchithwe isinqumo sePhalamende esachitha umbiko weJaji esalathatha umhlalaphansi, uSandile Ngcobo, owathola ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona imithetho ayiphulayo uRamaphosa.