UMBIKO womcwaningi mabhuku ugxeka ukushaya ngolonwabu kukahulumeni ekwelekeleleni abantu abakhahlanyezwa yizikhukhula ezahlasela KwaZulu-Natal.
Umbiko womcwaningi mabhuku uthole ukuthi inqwaba yabantu abakhahlanyezwa yizikhukhula esifundazweni isalinde usizo.
Izigidi zamaRandi okufanele ngabe zisetshenziswa ukulekelela abantu abakhahlanyezwa yizikhukhula, umbiko uveza ukuthi zisaduvile.
Umbiko wethulelwe yikomiti elibhekele ukusetshenziswa kwemali yezikhukhula ePhalamende.
UMcwaningi mabhuku jikelele, uNksz Tsakani Maluleke, wuyena owethulile. Uthe baningi abantu abakhahlamezeka ezikhukhuleni zangoEphreli abasasele dengwane namanje.
“Ngesikhathi kuhlasela le nhlekelele abantu babelindele ukuthi uhulumeni alekelele labo abakhahlamezekile njengoba kwakukhona ababesele dengwane, abanye bengenawo ngisho namanzi.
“Yize uhulumeni enza izethembiso eziningi zokwelekelela abakhahlamezekile kepha luhamba kancane kakhulu uhlelo lokwelekelela. Abantu abaningi abakalutholi usizo.’’
UNksz Maluleke uthe abantu abaningi ababethenjiswe izindlu zesikhashana abakaze bazithole namanje.
“Ibalelwa ku-5 000 imizi eyabhidlika ngesikhathi kuhlasela izikhukhula KwaZulu-Natal. UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal wazibophezela ekutheni uzokwakha izindlu zesikhashana ezingu-1 810 kepha zingu-736 kuphela esezakhiwe.
“Lokhu kushaya ngolonwabu kokwakhiwa kwezindlu zesikhashana kuphazamisa impilo yabantu abathikanyezwa yizikhukhula. Njengamanje laba bantu bakhoseliswe ezindaweni ezigcwele ngokweqile. Abanye babo bayaphoqeleka ukuthi bahambe amabanga amade beya emsebenzini nasezikoleni njengoba bekhoseliswe kude nalapho besebenza khona noma lapho befunda khona.”
UNksz Maluleke uphinde wagxeka uhlelo lokuhlinzekwa kwamanzi wuMasipala weTheku.
Emva kokuhlasela kwezikhukhula, abantu abaningi oThongathi, Mlaza, Nanda, Mzinyathi naseNtshangwe basala bengenawo amanzi ngenxa yokulimala kwengqalasizinda.
Kwabe sekukhishwa amaloli amanzi angu-198 ukuba aphakele imiphakathi amanzi.Umbiko kaNksz Maluleke uthole ukuthi amaloli ahlulekile ukunikezela zonke izindawo ngamanzi.
“Lwalungekho uhlelo oluqondile lokuthi amaloli awahambisa nini amanzi. Lokhu kuholele ekutheni abantu bangazi ukuthi amaloli azofika ngasikhathi sini. Ngesikhathi sihambele ezindaweni ezikhahlamezekile abantu basitshela ukuthi kwakwenzeka kuze kuphele usuku amaloli amanzi engakaze afike. Kwezinye izindawo basitshela ukuthi nezinsuku ezintathu ziyaphela amaloli engafikile.”
Umbiko uthole nokuthi uhulumeni ushaya ngonyawo lonwabu ekusebenziseni imali ebekelwe ukulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula.
Amalungu ekomiti azwakalise ukukhathazeka ngokushaya ngolonwabu kohlelo lokunikeza abantu ngosizo. Anxuse imnyango kahulumeni ethintekayo ukuba ibhukule.