ZIMI ngomumo izinhlelo zokubhalisela ukuvota ezweni njengoba kulungiselelwa ukhetho lwangonyaka ozayo.
NgoMgqibelo kuqale impelasonto yokubhalisela ukuvota, okuzokwenziwa izinsuku ezimbili kuze kuzosongwe ngeSonto.
Ziqiniswe ezokuphepha ezikhungweni zokubhalisela ukuvota, ikakhulu kulezo ezithathwa njengezinobungozi kakhulu nalapho kukhona ukungabekezelelani emaqenjini ezepolitiki, nasezindaweni ezihlaselwa yimibhikiso nodlame.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba eMayville, eThekwini, uMphathiswa wezokuThutha, ezokuPhepha, nezokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe kunezikhungo eziwu-4 973 KwaZulu-Natal, eziwu-173 zithathwa njengezinobungozi kakhulu kuthi eziwu-762 zibe nobungozi obungatheni kanti eziwu-4 074 zithathwa njengezingenabo ubungozi obutheni.
“Kuzotshalwa onogada abangu- 24 000, kunezimoto ezizosetshenziselwa ukuqapha namabhanoyi njengeqhinga lomkhankaso wokuqinisekisa ukuphepha. Kuzoqiniswa ezokuphepha ezindaweni okugqame kakhulu udlame lwezepolitiki, ukungqubuzana kwemibono emaqenjini, imibhikisho yomphakathi, nalapho okudlange ubugebengu nodlame lwamatekisi,” kuchaza uMnuz Hlomuka.
Uqhube wachaza ukuthi ezokuphepha zizofaka phakathi ukuthi abaqaphi behle, benyuka ezikhungweni zokubhalisela ukuvota, ukutshalwa kamaphoyisa azohlala ezindaweni ezithathwa njengezinobungozi. Wathi kuzotshalwa amathimba azolekelela uma kunezimo eziphuthumayo nabaphenyi abazohambela izindaweni lapho kungase kube nezikhalo.
UHlomuka udalule ukuthi izindawo ezizobe ziqashwe ngeso lokhozi yiNanda, yiKwaMashu, uMlaza, yiHammarsdale, yiPlessilaer nakwaNongoma.
“Sinesiqinieko sokuthi abezomthetho bazoqinisekisa ukuphepha kwabantu bonke esifundazweni. Sifuna ukuqinisekisa bonke abasebenzi base-Independent Electoral Commission (IEC), ukuthi ukuphepha kwabo ngenye yezinto eziseqhulwini kule mpelasonto yokubhalisela ukuvota,” kuqhuba uHlomuka.
Unxuse amaqembu ezepolitiki ahlukene esifundazweni ukuthi abengamanxusa okuthula futhi agqugquzele amalungu awo ukuthi aphume ngobuningi ayobhalisela ukuvota ngaphandle kokuphazamisa amalungelo abanye abanombono ohlukile kubona kwezepolitiki.
Ngokwezibalo zabakwa-IEC zabantu abaseke babhalisela ukuvota phambili, ziveza ukuthi abantu abasha bamadolonzima ukuvota. Kuthiwa bangu-6,48% kuphela abantu besilisa abaneminyaka ephakathi kuka-20 no- 29 abavotayo, kube ngu-7.85 wabesifazane abaneminyaka efanayo. Ngokwezibalo zabakuleli abavotayo, ngabesifazane abasakhuthalele ukuvota uma beqhathaniswa nabesilisa.