UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuleli, uDkt Joe Phaahla, usekhale ngezidumbu eziningi ezingenabanikazi eziduve emakhazeni kahulumeni kuleli.
UPhaahla ephendula umbuzo ePhalamende, uveze ukuthi iKwaZulu-Natal iyona enesibalo esiphezulu sezidumbu ezingenabanikazi.
Ilungu le-FF Plus, uMnuz Philippus Adriaan van Staden, ubuze ukuthi mangaki amakhaza kahulumeni agcwele kakhulu nokuthi imuphi umthelela okhona ekucishweni kukagesi kuleli kulezi zikhungo? Ubuze nokuthi zingaki izidumbu ezingenabanikazi kulezi zikhungo ezifundazweni?
UPhaahla uthe iseLimpopo naseNorthern Cape kuvezwe ukuthi kunamakhaza agcwele kakhulu, kwezinye izifundazwe njengaseKZN awagcwele.
“I-KZN inezidumbu ezingu-1 362 ezingenabanikazi, kulandele iNorth West nezidumbu ezingu-174, iLimpopo nezidumbu ezingu-136 neMpumalanga ngezingu-54. INorthern Cape inezidumbu ezingu-51 kanti ezinye izifundazwe bezingakaphenduli,” kusho uPhaahla.
Uthe amakhaza kahulumeni anawo ama-generator ukusiza uma kucishwa ugesi ngenhloso yokuwonga kuleli okuwuhlelo oluqhubekayo.
“Noma ekhona ama-generator kodwa ziyanyuka izindleko njengoba udizili unyuka nje. Kudingeka aphinde alungiswe lawa ma-generator yingakho kunomthelela ekunyukeni kwezindleko,” kusho uPhaahla.
Uthe bamatasa baxoxa nophiko iForensic Pathology Services, omasipala kanjalo nophiko lwamaphoyisa i-South African Police service, ngendaba yezidumbu ezingenabanikazi.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo kuzwelonke, uMnuz Foster Mohale, uthe ziningi izizathu ezenza ukuthi izidumbu ziduve isikhathi eside emakhazeni kahulumeni.
Uthe iningi lazo ezabantu abasuke bebulawe kwenye indawo bese belahlwa kwenye indawo.
“Uthola ukuthi umuntu ubanjwe inkunzi eLimpopo bese elahlwa eStanger eKZN. Uthola ukuthi akunalutho lokubheka lowo muntu ukuthi ungubani ngakho leso sidumbu sizoduva emakhazeni kahulumeni.
“Zikhona nezinye ezisuke zilinde ukuthi kwenziwe ulibofuzo kodwa iningi lazo ezabantu abasuke betholakale bebulewe eceleni komgwaqo bengaziwa ukuthi bangobani,” kusho uMohale.
Phambilini, uPhaahla waveza ukuthi uma izidumbu sezihlale isikhathi kungekho umuntu ofikayo azoveza ukuthi ngesakhe, sigcina singcwatshwe nguhulumeni.
Waveza ukuthi umthetho uthi kumele sigcinwe izinsuku ezingu-30, bese singcwatshwa.
Wabalula ukuthi emva kwezinsuku eziyisikhombisa zisemakhazeni, uma kungekho umuntu osefikile ukuthi azosho ukuthi isidumbu esesihlobo sakhe, amaphoyisa nophiko iForensic kudingeka luthathe amanyela ezandla ukuze athunyelwe ophikweni i-Local Criminal Record Centre.
Uma kungukuthi akufiki muntu leso sidumbu singcwatshwa njengesomuntu ongahlonziwe.