MHLENGI SHANGASE
U KUSHIYA phakathi izifundo kubafundi basezikhungweni zemfundo ephakeme bengaziphothulanga iziqu kungaxazululeka uma ngase bafundiswe ngezilimi abazikhuluma emakhaya ngoba bangaziphasa izifundo zabo.
Iningi labo aliziqedi izifundo zalo lishiya phakathi abanye abaziqedi ngesikhathi bathatha iminyaka ukuphothula iziqu zeminyaka emine ngenxa yakho ukuxakwa yisiNgisi okufundiswa kuphinde kubhalwe ngaso izivivinyo.
Lokhu kuvele izolo engqungqutheleni yezinsuku ezimbili ebheka indaba yezilimi zesintu eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, ophikweni laseHoward College.
USolwazi Nobuhle Hlongwa, ongumphathi obhekele ukufunda nokufundisa e-UKZN, uthe le nkinga yabafundi abashiya phakathi izifundo ngoba bexakwa yisiNgisi ingaxazululeka uma abafundi bezofundiswa ngezilimi zabo.
Ngonyaka ozayo lesi sikhungo sizoqala uhlelo lapho wonke umfundi ezofunda isiZulu kulabo abangasikhulumi baphinde babhale nezivivinyo zaso ekupheleni konyaka.
“Ngisekomitini elicebisa uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme ngendaba yezilimi zesintu emanyuvesi kanti ngenye yezinto esiyishoyo ukuthi akufundwe ngezilimi zesintu ukuze abafundi baqonde. Sike sahambela amanyuvesi ahlukene sikhuluma nabafundi ngalokhu, iningi labo liyasho ukuthi liyahlangana lifunde ngesiZulu ukuze liqonde kahle leso sifundo. Nakhona uma kufundwa uma uke wakhuluma ngesiZulu ubona kushintsha abafundi babambe iqhaza ngoba usuke usukhuluma ulimi lwabo,” usho kanje.
Uthe yize uMnyango weMfundo eyisiSekelo unohlelo lokuthi zonke izilimi zesintu zifundwe ezikoleni ngonyaka ozayo kodwa kudingeka ukuthi abafundi bafundiswe ngazo nasezikoleni ezixube izinhlanga.
Uthe akuzwakali ukuthi umfundi angafundi ngolimi lwakhe alwenze njengolwesibili wathi uhulumeni kumele uyisukumele lento.
“Ezikoleni ezixube izinhlanga uhulumeni kunengxenye yemali ayifakayo kodwa uthole ukuthi abafundi abaningi abakhuluma isiZulu kodwa bafundiswa ngesiNgisi. Abafundiswe ngesiZulu kube ngomunye wemibandela uhulumeni azoyibeka ngaphambi kokuba azixhase lezi zikole,” kuqhuba yena.
Mayelana nokuhumushwa kwamatemu anzima esayensi asuswa esiNgisini ayiswe esiZulwini uma kufundwa, uthe banama-lab amabili ezilimi enyuvesi, bazokwakha enye e-Edgewood.
UDkt Monica Out, owenze ucwaningo ngesiZulu, uthe abafundi bafuna ukufundiswa ngalolu limi ngoba baluzwa kangcono.
Uthe kubalulekile ukuthi kufundiswe ngaso ngoba kungenzeka futhi amazwe amaningi afundisa ngezilimi zawo abafundi bawo benza kahle kakhulu.
“Umfundi uyahluleka ukuhumusha into ayisuse esiNgisini ayiyise esiZulwini yingakho kungcono bafundiswe ngolimi lwabo.”
USolwazi Gregory Kamwendo, ongumphathi wezifundo zokufundisa e-Edgewood, uthe kunezifundo abazifundisa ngesiZulu kuze kuhlolwe ngaso wathi kudingeka zifundiswe izilimi zesintu ukuze abantu bajwayele ukuthi sekufundwa ngazo.