SINCONYWE njengesenzo sokuqhakambisa iqhaza labesifazane kwezobuholi esokujutshwa ihlandla lesibili komphathi we-Unisa, uSolwazi Puleng LenkaBula.
Inyuvesi imemezele ukuthi ivuselela inkontileka yomholi owaqopha umlando ngokuba owesifazane wokuqala, ukubamba isikhundla sokuphatha le nyuvesi.
USihlalo wekomiti leMfundo ePhakeme ePhalamende uMnuz Tebogo Letsie, uncome lesi senzo wathi uSolwazi LenkaBula, usebenze kanzima ngehlandla lokuqala lokuhola inyuvesi enomlando ojulile kuleli nase-Afrika.
Uthe bayakwamukela ukuphinde ajutshelwe kulesi sikhundla.
“Usebenze ngokuzikhandla kanti wenze kwaba nozinzo kule nyuvesi. Waqopha umlando ngokuba owesifazane wokuqala ukubamba izintambo zokuba umphathi e-Unisa.”
Uthe ihlandla lakhe lesibili liqala ngoJanuwari, wonyaka ozayo.
“Usebenze ngokuzikhandla emkhakheni ogcwele abesilisa. Sinxusa zonke izinhlaka enyuvesi ukuthi zimeseke njengoba esemkhankasweni wokwenza le nyuvesi ihambe phambili emhlabeni,” kusho uLetsie.
Isitatimende senyuvesi siveze ukuthi emuva komhlangano womkhandlu obungoDisemba 9, kunqunywe ukuthi abuyiselwe ihlandla lesibili kulesi sikhundla.
Sithe uzohlala iminyaka emihlanu kulesi sikhundla.
“Umkhandlu wenyuvesi wanelisekile ngendlela uhlelo lokubheka ukusebenza kwakhe oluhambe ngayo. Kulandelwe yonke imigomo ebekiwe kanti nomthetho wemfundo ephakeme uyakuvuma ukuthi umphathi wenyuvesi angajutshwa elinye ihlandla lesibili,” kusho isitatimende senyuvesi.
Sithe ngaphansi kobuholi bakhe kube nezinto eziningi ezinhle ezenzekile.
“Kube nezinto ezinhle kwezithinta ukufunda nokufundisa, ucwaningo, ukukleliswa kwenyuvesi kanjalo kwaba nemali engenayo enyuvesi. Abasebenzi bebezinikele ngaphansi kwakhe.”
USolwazi LenkaBula, ucashunwe esamukela isinqumo somkhandlu wathi uzimisele ukubeka phambili inyuvesi. Uthe uzoqhubeka nokwakha amathuba kwizitshudeni kanjalo nakubasebenzi.
“Ngizimisele ukuqhubeka ngisebenzisane nezinhlaka ezehlukene enyuvesi. Makhulu amaphupho enginawo ngale nyuvesi.”
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi kusaphethe uDkt Blade Nzimande njengoNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, le nyuvesi yafakwa ngaphansi komlawuli ozimele ngenxa yezinkinga ezazikhona.
USolwazi LenkaBula waya nasenkantolo ezama ukuvimba uNzimande ukuthi ajube umlawuli ozimele.
Inkantolo yasePitoli yayalela uNzimande ukuthi achithe ukufakwa kwenyuvesi ngaphansi komlawuli.