UBAMBA uyayeka umndeni wowesifazane, isidumbu sakhe okuthiwa sitholwe sisongwe ngengubo yokulala sinodume lwengozi ekhanda, esigamekweni esenzeke eSwapo, eCopsville, kuMasipala waseMsunduzi.
Isidumbu sikaNksz Lerato Thotsejane (33), kuthiwa sisaduve emakhazeni njengoba kungekho osebenzayo emndenini.Abakubo basola isoka ngokubulawa kwakhe okuvela ukuthi lisagcwele amathafa.
Eceleni kwaso kuthiwa kwatholwa isando okukholakala ukuthi sasetshenziswa ukubulala umufi.
Ngokulandisa kukanina omncane kamufi uNksz Makelelo Lesuma, bangabokudabuka eMatatiela esifundazweni i-Eastern Cape.,Umufi ubenomuzi wakhe nomsolwa onguyise wengane yakhe eneminyaka emithathu.
“Zontathu izingane zikaLerato zihlala nami kubalwa nezimbili ezineminyaka ephakathi kuka-10 no-14 angazizali kuleli soka, kanti bona bebehlala bobabili bakhe indlu buqamama nalapho sihlala khona. Ngesikhathi enye yezingane zakhe ikhala ngendlala, ngiyithume endlini kanina ukuze ibheke okungaphekwa. Kuthe ibuya, yaveza ukuthi ingene uyise (umsolwa) ezimboze ngengubo elele. Kuhambe isikhashana yabuyela yafica sekunonina kamsolwa namaphoyisa yathunywa ukuthi ingibize, ngadideka nje ukuthi kwenzenjani,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi efika uhlangatshezwe wumlingani wakhe wamazisa ukuthi indodana yakhe imtshele ukuthi seyibulale unina wengane, nebala kuthe uma engena endlini embula ingubo, wathola ukuthi yindodakazi yakhe embozwe ngengubo. Uthe beyinengozi ekhanda kanti eceleni bekunesando okukholakala ukuthi sisetshenziselwe ukuyibulala.
Uthe selokhu kwenzeke lesi sigameko, akukho abakutholayo emaphoyiseni nasemndenini kamsolwa. Abakwaziyo ukuthi umsolwa usagcwele amathafa kanti nabo ngakolunye uhlangothi abanawo amandla okufihla ithambo labo njengoba kungekho nobejoyine umasingcwabisane baziphilisa ngokubamba amatoho angatheni.
Kwenzeka lokhu kuvele kuqhubeka umkhankaso wezinsuku eziwu-16 wokuqwashisa ngesihlava sokubulawa kwabesifazane nezingane oqale ngenyanga edlule, osongwa namhlanje.
Ngenyanga edlule, ethula izibalo zobugebengu zekota yesibili yonyakamali u-2024/2025 uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, uthe bangu-957 abesifazane ababulewe phakathi kukaJulayi noSepthemba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseMountain Rise aphenya icala lokubulala, kanti imbangela yakho okwamanje ayikaziwa.