AMAPHOYISA kaMasipala weTheku abophe abokufika abakuleli ngokungemthetho aphinde ashaqa nempahla engekho emthethweni yentengo engadalulwanga ngesikhathi enza uphenyo noLwesithathu ekuseni, enkabeni yedolobha.
Kusempondo zankomo amaphoyisa agasele ezitolo ezehlukene njengoba eqhuba umkhankaso obhekiswe kulabo abakuleli ngokungemthetho nalabo abaphula imithetho yezwe.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe amaphoyisa kaMasipala weTheku, abantu abangu-25 bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngesikhathi amaphoyisa egasela esitolo esidayisa izinto zokugcoba.
“Ku-Anton Lembede Street, abantu abangu-25 batholakale bengakwazi ukukhipha amaphepha abagunyaza ukuba sezweni. Emva kokuxhumana noMnyango wezaseKhaya, bangu-22 abaqinisekiswe ukuthi bakuleli ngokungemthetho baboshwa, kwathi abathathu badedelwa,” kusho isitatimende.
“Uphenyo lube seludlulela ku-May Road, eMngeni, lapho kuboshwe abangu-5 baseChina nababili baseMalawi abebengenawo amaphepha afanele. Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo, amaphoyisa abe esethola amaphilisi ocansi angekho emthethweni angu-200 namabhokisi angu-300 okugcoba ubuso nomzimba angagunyaziwe ezweni. Umphathi wesitolo uboshiwe ngokuphula umthetho we-Medicine ne-Related Substances Act 101 of 1995 nowe-Foodstuffs, Cosmetics ne-Disinfectants Act 54 of 1972,” kuqhuba isitatimende.
Amaphoyisa athe uphenyo olukanje luveza ukusebenza ngokuzinikela, ukugcina umthetho nokuqinisekisa ukuphepha komphakathi.
Okhulumela amaphoyisa kamasipala, uMnuz Boyzie Zungu, uthe uyakuthokozela ukuboshwa kwalaba basolwa.
“Lona umkhankaso oqhubekayo ukuqinisekisa ukuthi abantu bayaphepha ezintweni ezingekho emthethweni nezomgunyathi. Siwushayela izandla umsebenzi wamaphoyisa,” kusho uZungu.
Uthe uyakujabulela ukwengezwa kwamaphoyisa angu-567 aseqeqeshiwe azojoyina amaphoyisa kaMasipala weTheku njengoba kuzoqala isiphithiphithi sikaDisemba.
“Noma singakafiki esibalweni esisidingayo ngenxa yokukhula kwenani labantu eThekwini, siyathemba ukuthi kuzolekelela kakhulu ezindaweni lapho amaphoyisa eshoda khona,” usho kanje