KUXWAYISWE abazali ukuthi bahleze beqaphile ukuqinisekisa ukuthi izingane azinyenyi ziyobhukuda emadamini anobungozi ngenhloso yokupholisa umzimba kule nkathi yasehlobo njengoba kuhlasele ishisandlu ezingxenyeni eziningi zezwe.
UMphathiswa woMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya KwaZulu-Natal uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa, uthe ukuba wuvanzi kwezingane njengoba kuvalwe izikole kungenza zigcine sezidudana ngokuyobhukuda okungabeka impilo yazo engozini. Uthe kudingeka abazali baqikilele ukuthi zihlezi zisemehlweni abo njalo.
“Umnyanngo usezinhlelweni zokubiyela amadamu angaphansi kwawo ukugwema ukuphuma kwemiphefumulo yabagcina bewabona njengezindawo zokubhukuda bengenalo ulwazi ngokujula kwawo. Zikhona izindawo eziphephile zokubhukuda ezinye okusuke kunabaqaphe abazijabulisa ngokubhukuda,” usho kanje.
Ukusho lokhu nje, isidumbu sikaSheshile Koneshi (12) waseZinketheni eMgungundlovu obefunda u-Grade 6 eHengryville Primary, sisaduve emakhazeni emva kokuthi eminze ebhukuda nabangani bakhe kwelinye idamu elikhona endaweni, ngesonto eledlule.
Uninakhulu kamufi uNksz Lemohang Kulani uthe ngosuku okwanyamalala ngalo umzukulu wakhe, wafunwa wangatholwa ngoba wayengabuyanga ekhaya.
“Ngakusasa kuvukwe kwayobuzwa kubangani bakhe ayegcine ukubonakala nabo. Omunye wabo ugonyulukile waveza ukuthi bamshiye edamini okuthe uma kunikelwa khona nebala kwatholakala izimpahla zakhe, kufike abatshuzi bathungatha isidumbu sakhe satholwa kuleli damu,” usho kanje.
Uthe okubuhlungu ukuthi umzukulu wakhe ubengesiyo ingane ezulayo, ubethanda ukuzihlalela ekhaya okusabadida namanje ukuthi yikuphi okumenze wanquma ukuzula nabangani kulokhu njengoba sekwehla umshophi.
Ababhekele isimo sezulu i-South African Weather Service bakhiphe isexwayiso ngokushisa okungabekezeleki ezingxenyeni eziningi zezwe kuleli sonto.