IMANTSHI ikufanise nenhlekelele ekhungethe izwe ukuhlukunyezwa nokubulawa kwabantu besifazane ngesikhathi igweba udilikajele isoka elagajwa yisikhwele labulala intombi.
UMlamuli Michael Qaba (43) wabulala ayethandana naye uNksz Zama Girlie Mthembu.
Wamgwaza amanxeba angaphezu kuka-30 emijondolo yaseKenville, eThekwini ngoDisemba 16 ngonyaka odlule.
UQaba ugwetshwe izolo yiNkantolo yesiFunda eThekwini obekuwusuku lokugcina lomkhankaso wezinsuku ezingu-16 olwa nodlame olusuke lubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Akumsebenzelanga uQaba ukuvuma kwakhe icala ngoba ethi akafuni ukuchithela inkantolo isikhathi ngesenzo sakhe athe uyazisola ngaso.
Imantshi uNkk Sharon Marks ithe iyinhlekelele ezweni eyodlame olubhekiswe kwabesifazane.
“Abantu besifazane bazizwa bengasaphephile uma behamba emigwaqweni noma besemakhaya abahlala kuwona. Wabulala umuntu ngendlela enobulwane. Wayenelungelo lokujabula nokuphila njengawe,” kusho imantshi.
Kwale ngisho ummeli kaQaba, uNksz Ashilka Ramdularay, emncengela ukuba athanjiselwe isigwebo ebalula ukuthi unabantwana abahlanu ababheke yena.
“Ukhombisile ukuzisola ummangalelwa ngesenzo sakhe futhi walivuma icala ukuze angamoshi isikhathi senkantolo,” kusho ummeli.
UQaba ubehloma ikhanda phansi abuye alitshekisele eceleni uma enekelwa ukuthi wenzani.
Unina kamufi, ubesikhihla enkantolo waze waphumela phandle ngesikhathi imantshi ichaza ukuthi umufi wabulawa kanjani.
Unina kamufi uNksz Lindiwe Mbhele ubize uQaba ngephara wathi akakholwa nawukuthi wayesebenza efemini esika insimbi njengoba kusho ummeli wakhe.
“Lo mfana wangifaka enhluphekweni ngokomphefumulo nangokwemali. Wabulala ingane yami ebingenzela yonke into kodwa manje sengiswele, sengiphila ngokusizwa abantu,” kusho unina kamufi ngosizi.
Ngosuku lwesigameko uQaba wayekade osa inyama nabangani bakhe bephuza notshwala.
Endleleni esebuyela emjondolo ayekade ehlala kuwona, wezwa izwi likamufi kwenye indlu okwakukhona kuyona abantu besifazane nabesilisa kujatshulwe.
Kuthiwa wangena kuleyondlu, wabizela umufi phandle, abagcina behilizisana naye. Kuvela ukuthi kwaphuma amadoda amabili ayekade esendlini afika phandle akhuza uQaba, aze amphusha wawa.
Kuthiwa uQaba wasuka lapho waqonda endlini yakhe ethukuthele eveva wayohloma ngommese. Esesendleleni ebuyela kwababemphushile, wabona umufi edlula, ehamba yedwa eya endlini yakhe (kamufi), wamlandela baze bayongena khona.
Yilapho-ke okuthiwa kwasuka khona esinamathambo, uQaba esola umufi ngokuthi ululazwe yilawo madoda ngenxa yakhe, okwaphetha ngokuthi baxabane aze amphushele phansi, wase ehlala phezu kwakhe wamgwaza amanxeba angaphezu kuka-30.
Umbiko kadokotela wathola ukuthi umufi wabulawa wukugwazwa esifubeni.
UQaba waboshwa ngoNcibijane kulowo nyaka amaphoyisa amlanda esebalekele ngakubo e-Eastern Cape. Ubegqunywe esitokisini kusukela aboshwa.