INKANTOLO yesiFunda eVerulam, imgwebe iminyaka ewu-10 owesifazane owazama ukubulala isoka lakhe nge-acid.
IMantshi uSanele Hlatshwayo, igwebe uLethiwe Princess Mthimkhulu (31) ngecala lokuzama ukubulala uMnuz Phakamani Sibiya (34), nelokweba ifoni yakhe.
ULethiwe wahlangana nowesilisa ambiza ngoMoses, bachathisa uSibiya nge-acid bethi amanzi asesontweni angcwele, isiwasho.
Baphinde bazama ukumphuzisa yona futhi bamthela ngayo ekhanda nasemzimbeni esehlakakweni esenzeka ngo-Ephreli 13, 2022, eMagwaveni, oThongathi.
Emuva kokukhishwa kwesigwebo, eseqhutshwa ebheke ezitokisini, uLethiwe unyonkoloze kabi uSibiya obehlezi ngemuva kwakhe enkantolo.
USibiya uvele wakhala ekhombisa ukungeneliseki ngesigwebo esinikwezwe uLethiwe, owavuma icala nokuthi wayefuna ukumusa kwagoqa nyawo.
Amanye amalungu omndeni kaLethiwe, aklolodele awakaSibiya aze awahleka emva kwesigwebo.
USibiya uhluleke nawukukhuluma nabezindaba enomunyu kubonakala ukuthi udidekile.
Umndeni wakhe uthe ukhaliswa wukungazisoli kukammangalelwa nokushawa ngoswazi oluncane.