UKHALA ngamaphoyisa awenzela phansi umndeni wowesilisa wakwa-V, eMlaza, okuthiwa wagwazwa wabulawa ngumngani ngoMeyi, nonyaka.
Lokhu kuza emva kokuthi umphenyi wecala ewushayele ucingo ngoLwesihlanu, ewutshela ukuthi kuphelile ngecala.
Ngosuku lwesigameko kuthiwa umsolwa wagwaza umufi, uMnuz Langelihle Mchunu (25) ngoba enqaba ukumnika mahhala ugwayi etafuleni lokudayisa ayeligadiswe wumnikazi owayesayothenga okuthize esitolo.
Kuthiwa ngesikhathi behilizisana, umsolwa owayengahlomile, wahamba waya kubo wayolanda ummese, wabuya wagwaza umufi.
Umsolwa wazinikela emaphoyiseni emva kokuthi abazibonela enza isigameko, bameluleka ngokuthi akukho okunye okumele akwenze.
Udadewabo kamufi, uNksz Zinhle Mchunu, uthe balimele emoyeni ngenxa yocingo olushaywe ngumphenyi, elushayela unina ethi abaphathi bakhe bathe akalivale icala ngoba kade lihleli.
Uthe kusuka ngoMeyi, umsolwa ubelokhu efaka isicelo sebheyili, esidonse isikhathi eside njengoba bekulokhu kunenkinga yekheli.
“Uze wayithola emasontweni amabili edlule. Ungaphandle,” kusho uNksz Mchunu.
Uthe okubakhalisayo ukungazi ukuthi amaphoyisa afinyelele kanjani esinqumweni sokuthi livalwe icala ekubeni kunobufakazi obenele ukuthi limgojele umsolwa.
“Enza isigameko, kwakukhona abantu. Labo bantu bazibhala izitatimende emaphoyiseni. Okwesibili; umsolwa wathi uma esesenzile isigameko wahamba wayoziceba kunina, naye owasenza isitatimende emaphoyiseni ngokugonyuluka kwendodana yakhe,” kusho yena.
Uveze nokuthi akugcinanga lapho, umsolwa wabe esezinikela emaphoyiseni ngalo usuku lwesigameko.
“Nommese owagwaza ngawo umfowethu watholwa usanegazi. Manje sizibuza ukuthi yini ebilibambezela icala ngoba ubufakazi benele?” usho kanjena.
Uthe bewumndeni kabeneme ngokwenziwe ngamaphoyisa, wathi basabufuna ubulungiswa ngothandiweyo wabo owabulawa ngesihluku.
“Akukwazi ukuthi umuntu abulale maqede kuphele kanjalo,” kukhalaza uNksz Mchunu.
Police comment…