BAKHALA ngamaphoyisa esilisa kaMasipala weTheku, abathinta bengagqokile ngesikhathi ebabophela ukungaziphathi kahle emphakathini abebesebenza ohlelweni i-Expanded Public Works Programme (EPWP).
Abasebenzi abalinganiselwa ku-150, bebebhikisha ngaphesheya kwe-Durban City Hall ngoLwesine, befuna ukubuyiselwa emsebenzini.
Kulesi sibalo, kugcine kuboshwa abangu-34, okukhona kubo abesifazane abangu-26, nabesilisa abayisishiyagalombili.
Badedelwe ngebheyili yamahhala ngoMgqibelo kanti kulindeleke ukuthi bavele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla.
Umholi wabo, uNksz Slindile Sokhela uthe bahlukumezekile ngokuthi kuthi kugujwa i-16 Days of Activism, okuhloswe ngayo ukulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, bona bebe behlukunyezwa ngalolu hlobo.
“Siphatheke kabi kakhulu ukuthi kuthi kuyi-16 Days of Activism, kube kwenzeka kanje kithina. Siyabona ukuthi lena yimikhankaso nje abayisungulayo, maqede ingagcinwa. Liyashunyayelwa ivangeli kodwa abomthetho yibo kanye abasihlukumezayo njengoba enzile amaphoyisa esilisa, ebamba abantu besifazane benqunu,” kusho uNksz Sokhela.
Ubuze ukuthi bese eshonephi amaphoyisa esifazane ukuze ababophe.
Ukhale ngokuthi iTheku ligcwele abantu abadayisa ngomzimba, abahlale bengagqokile kodwa ababoshwa.
“Kuzocindezelwa abantu abalwela amalungelo abo, abantu abondla imindeni, abaphelelwe umsebenzi ngendlela engekho emthethweni,” kusho uNksz Sokhela.
Uthe indaba ye-16 Days of Activism bona bayibona njengento engasebenzi.
Uthe basaxoxa nommeli wabo ngalokhu njengoba befuna ukuvulela amaphoyisa esilisa amacala ngokubathinta bengagqokile.
Laba basebenzi bayingxenye yabangu-4 000 abatshelwe ukuthi umsebenzi uphelile ngoJulayi.
Bakhala ngokuthi umasipala uvele wabamisa bengazelele, batshelwa ukuthi ayisekho imali yokubaholela.
Bathe badidwe ukuthi kungakapheli isikhathi esingakanani bemisiwe, kuqashwe abanye abantu ezikhaleni zabo.
Baveze ukuthi bese besebenze iminyaka engaphezu kuka-11.
Kuthintwa okhulumela ihhovisi leMeya kaMasipala weTheku, uMnz Mluleki Mntungwa uthe akulona iqiniso ukuthi baxoshiwe.
Uphinde wathi akulona iqiniso nokuthi umasipala wabeka isizathu sokuphela kwemali ngesikhathi bemiswa.
“Uhlelo ababeqashwe ngalo oluphelelwe yisikhathi. Ngesikhathi beqashwa babetsheliwe ukuthi bazosebenza iminyaka emibili kuphela bese beyashintshwa, kufakwe abanye,” kusho uMntungwa.
Uthe ngesikhathi beqashwa, besayina, lokhu kusuke kubhaliwe phansi.
Ebuzwa ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi basebenze iminyaka engaphezu kuka-11 ekubeni inkontileka yayithi bazosebenza iminyaka emibili, ucele ukuthunyelelwa i-email ngoba akanalo ulwazi oluphelele phambi kwakhe mayelana neminyaka abayisebenzile.
Kubuyelwa kuNksz Sokhela ngalokhu uthe kuyiqiniso ukuthi kwakubhalwe iminyaka emibili enkontilekeni, kodwa wabuza umbuzo wokuthi uqhubeke kanjani umasipala nokubasebenzisa iminyaka eminingi kangaka uma ukwazi ukubaluleka kokubhalwe enkontilekeni.
“Bayiphula bona imibandela yenkontileka, basigcina eminyaka engaphezu kwengu-11. Basisebenzise iminyaka, manje ngoba sebedelile, sebekhumbula imibandela yenkontileka, sebeyasilaxaza,” kusho uNksz Sokhela.
Okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku uMnuz Boysie Zungu ukuqinisekisile ukuthi babophe abanye bababhikishi ngecala lokungaziphathi kahle emphakathini.
Uzichithile izinsolo zokuthi abesifazane bathintwa amaphoyisa esilisa.
“Njengoba kubona kwakukhona abesifazane nabesilisa, nasemaphoyiseni ethu kwakunjalo. Awesifazane ayebhekene nabesifazane, awesilisa ebhekene nabesilisa. Ayikho le nto abayishoyo,” kusho uZungu.