ASEKUBHACENI amantombazane ayizintandane aseMnambithi, abesephenduke izigqila zocansi kuninalume. Eyokuqala ineminyaka ewu-14, eyesibili ineyisishiyagalombili.
Umsolwa uneminyaka ewu-27. Ukudlwengulwa kwezingane bekungeke kwaziwe ukube uthishanhloko wesikole samabanga aphansi, eMnambithi, akabikanga ngakho emaphoyiseni.
Ngokusho komthombo ongaphakathi kulesi sikole, abafundi babehlabe ikhefu ngesikhathi intombazane endala ibikela umngani wayo, ukuthi iyasola ukuthi ikhulelwe njengoba ingayanga esikhathini.
Ulandise kanje umthombo:"Wathi uma umngani wayo eyibuza ukuthi kungani isho njalo, yathi wukuthi umalume uhlale eyivakashela lapho ilala khona, bese eyidlwengula. Yathi le nto akayenzi kuyo kuphela kodwa nakudadewabo omncane uyazitika ngaye. Umngani wayo wavele wathwala izandla ekhanda, wathi akuyobikelwa uthisha.
“Yathi iyanqaba kodwa umngani waqhubeka nokuyobikela uthisha wabo. Uthisha wabe esebikela inhloko yesifundo, okuyiyo eyabikela uthishanhloko."
Umthombo uthe uthishanhloko wabe esebikela amaphoyisa okuyiwo agasela kubo kwamantombazane, nebala umsolwa wazivumela ukuthi uyaganga ngabashana. Sewuphetha umthombo uthe njengamanje lama ntombazane acashiswe emakhaya ezintandane ehlukene. Omunye umthombo uthe izingane zashonelwa ngunina noninakhulu kodwa bezihlala nodadewabo kaninakhulu.
Ethintwa uthishanhloko, wenqabile ukuphawula ngenxa yokuthi akavumelekile ukukhuluma nabezindaba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uvumile ukuthi likhona icala elabikwa esiteshini samaphoyisa saseElandslaagte.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi umsolwa uzobuye avele ngoDisemba 14, eNkantolo yeMantshi yaseMnambithi.