UVELE enkantolo izolo owesilisa waseChatsworth okusolwa ukuthi untshontshe umshini osiza abanenkinga yezinso.
Lo wesilisa, oneminyaka ewu-27, kuthiwa uke wasebenza kulesi sibhedlela kanti wethweswe icala lokweba. Uvele eNkantolo yeMantshi yakule ndawo izolo. Kusolwa ukuthi wafika esibhedlela sendawo ngenyanga edlule wagqashula lo mshini osiza abantu abanenkinga yezinso egumbini owawuxhunywe kulo maqede wabaleka nawo.
Ngokuthola kwamaphoyisa, wawudayisa kwesinye sezitolo ezaziwa ngama-pawn shop lo mshini, wathola imali.
UCaptain Nqobile Gwala, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe bese kuphele inyanga amaphoyisa ephansi phezulu efuna umsolwa.
"Umsolwa uboshwe eShallcross, sekuphele inyanga elokhu ebalekela amaphoyisa abemfuna phansi phezulu. Umshini wokuhlanza izinso, ongabiza uR250 000, wona utholakale eMhlathuzana Township. Amaphoyisa awuthathile umshini kulo muzi otholakale kuwo, uzobuyiselwa esibhedlela uma sekushaye isikhathi," kusho uCapt Gwala