UKHALELWE amasongo kaSigonyela owesifazane waKwaNhlamvu eMbazwana, emva kokuvela kwezinsolo ezishaqisayo zokuthi ubulale usana lwakhe.
Ngokusho komthombo olwazi ukusuka nokuhlala udaba, ngoJuni 6 amalungu omphakathi aqala ukuqaphela ukuthi owesifazane obezithwele usetetile.
Umthombo uveze ukuthi yize bese ebonakala ukuthi utetile kodwa ingane ibingabonakali ukuthi iphi.
“Umphakathi uthe uma uqaphela lokhu wavele wangachitha sikhathi, wabikela amaphoyisa,” kusho umthombo.
Uqhube wathi amaphoyisa asesiteshini saseMbazwana aqala uphenyo lwawo.
“Uphenyo lugcine luholela ekutheni aboshwe owesifazane ngempelasonto ngezinsolo zokubulala usana lwakhe,” kusho umthombo.
Ulandisa umthombo uthe lokhu kuze emva kokuthi isidumbu sosana sitholwe sithukusiwe ngaphakathi endlini yowesifazane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMbazwana abophe owesifazane (33) ngecala lokubulala.
“Imbangela yokubulala usana ayikaziwa,” kusho uNetshiunda.
Uthe bekulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMbazwana izolo.
Uphethe ngelithi amaphoyisa akushayela ihlombe okwenziwe umphakathi ukuthi uthi uma ubona okushaya amanzi ngalona wesifazane, usheshe uwazise, nokugcine kuholela ekutheni aboshwe.
Imizamo yokuthola umndeni walo wesifazane ayiphumelelanga.