UKHALELWE ngamasongo kaSigonyela owesilisa waseHimmville, eMgungundlovu, osolwa ngokubulala indodana yakhe eyisola ngokushaya ivale i-wors efrijini.
UMnuz Bhekinkosi Mchunu (39) ulandwe ngamaphoyisa kuleli sonto kanti namhlanje kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu.
UNtando Mchunu (22), kuthiwa wakhipha i-wors eningi efrijini walihlohlozisa okuyinto eyanenga uyise, kwase kuqala ingxabano.
"Uyise wacikwa wukuthi ngisho ngabe wayelambe ngaleyo ndlela kodwa wayesengaqeda leya nyama engaka,“ kusho umthombo osondelene nalolu daba.
Kuthiwa waqala emshaya ngayo yonke into esendlini, wagcina emconsisela ngongoplastiki ishisiwe.
UMchunu uboshwe nelinye ilungu lomndeni elisolwa ngokumlekelela ngesikhathi eshaya umufi otholakale enanamanxeba okushiswa wuplastiki umzimba wonke.
ISolezwe linaso isithombe sikamufi esihlasimulisa umzimba edindilizile phezu kukasofa. Ubonakala futhi enamanxeba umzimba wonke nelinye elikhulu esiphongweni.
Ufake isikhindi nesikibha esiphuzu esibonakala sesigcwele igazi. Izandla zakhe zinamanxeba asabekayo kubonakala sengathi kukhona into ecijile abekade egwazwa ngayo. Nosofa alele kuwona ubonakala ugcwele igazi.
Lesi sigameko kuvela ukuthi siyindaba egudwini kumalungu omphakathi waseMgungundlovu namaphethelo.
Kuvela ukuthi kuningi ukukhuluma kumalungu omphakathi mayelana nalesi sigameko.
Umalume kamufi, uMnuz Steven Zakwe, uthe kuyadumaza kakhulu ukuthi umufi wabulawa ngesihluku esingaka.
Uthe bayayibonga kakhulu nengalo yomthetho ngokuthi iqinisekise ukuthi bayaboshwa abenzi bokubi.
“Ubaba wengane kimina wathi ingane yena wayishaya nje, hhayi kabi. Wathi akazange ayilimaze kangaka. Wathi akazi kwenzeke kanjani ukuthi igcina isishona,’’ usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Lieutenant Nqobile Gwala wakuqinisekisa ukubulawa kukamufi.